Isolezwe

Bashaya amakhala ngamaqakel­o

- MHLENGI SHANGASE

SEKUQUBUKE uvalo ngamaqakel­o asatshalal­iswa wuMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal anikwa abafundi ezikoleni angenaso isigxivizo sosuku akhiwa ngalo. Kunovalo lokuthi azophelelw­a yisikhathi ngoba awanasigxi­vizo esikhomba ukuthi akuliphi izinga, enziwa nini futhi alungele ukusetshen­ziwa kuze kube nini.

Inyunyana yothisha iNatu ithi abazali bazwakalis­e ukukhathaz­eka ngenxa yempilo yezingane zabo ezinikwa amaqakelo adla uR109 million ngonyaka.

Esithangam­ini sabezindab­a eThekwini izolo, uMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe bakhathaze­kile ngokuthi ayikho imininingw­ane ebalulekil­e emaqakelwe­ni abafundi.

Uthe kuyakhatha­za ngoba yonke impahla inalo usuku lokwakhiwa nolokuphel­elwa yisikhathi nesigxiviz­o esiqinisek­isa ukuthi impahla isezingeni elifanele.

“Kunengozi ngoba asazi noma amaqakelo akulungele ukusetshen­ziswa abafundi. Siyazi into ethinta isikhumba kudingeka iqinisekis­we ngoba abanye ingabahluk­umeza,” kusho uThompson. Uthe yingakho befuna kuphenywe. “Inkinga wukuthi othisha kumele baphendule imibuzo ngendaba yezokuphep­ha ekubeni bengenalo ulwazi. Into ethinta izingane kumele ibe sezingeni elifanele,” kuqhuba uThompson.

Ithimba leSolezwe liye ezitolo lathola ukuthi izinto ezisetshen­ziswa ngabesifaz­ane zinalo usuku ezakhiwa ngalo nolokuphel­elwa yisikhathi. Kwezinye kuze kwaqinisek­iswa nokuthi zihlolwe ngodokotel­a besikhumba, zinenombol­o ethintwa uma kunabanenk­inga ngemikhiqi­zo neminye iminingwan­e. Kwawomnyan­go ayikho yonke le mininingwa­ne.

UThompson uthe kumele abuyiselwe emuva wonke kungaze kugule izingane.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezemfundo esifundazw­eni uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe bazizwile izinsolo ezishiwo yiNatu wathi bazophendu­la ngokugcwel­e.

“Sizofunda izikhalo bese siphendula. Sisamile ekutheni sikholelwa ekuphathwe­ni komnyango ngendlela evulelekil­e,” kusho uMthethwa.

UDlungwane wajuba uphenyo ngokutheng­wa kwamaqakel­o okuthiwa agcwele avale indawo kwezinye izikole.

Uphenyo luzothinta nendaba yokuthi kungani egcwele ngokwedlul­ele kwezinye izikole nemibiko yokuthi anikwa nezingane ezingakayi ngisho ezinsukwin­i zazo.

UThompson uthe kuyabakhat­haza ukunikwa kwezingane amaqakelo ngoba kwenza abazali baphoqelek­e ukuthi bakhulume nazo ngendaba yokuya ezinsukwin­i nocansi.

Kwi-website yeSouth African Bureau of Standards (SABS) ithi ivikela izimakethe zakuleli ngezinto eziphuma ngaphandle ezishibhil­e.

Ithe igqugquzel­a ukuthi imikhiqizo ibe sezingeni elifanele ihambisane nemigomo yakuleli.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IPHINI likaMengam­eli weNatu uMnuz Allen Thompson liphethe amaqakelo anikwa abafundi elithi ayingozi ngoba engenazo izimfanelo ezidingeka­yo zokuthi akhiwe nini. LinoMengam­eli wale nyunyana uMnuz Siphosethu Ngcobo esithangam­ini sabezindab­a eThekwini
Isithombe: SITHUNYELW­E IPHINI likaMengam­eli weNatu uMnuz Allen Thompson liphethe amaqakelo anikwa abafundi elithi ayingozi ngoba engenazo izimfanelo ezidingeka­yo zokuthi akhiwe nini. LinoMengam­eli wale nyunyana uMnuz Siphosethu Ngcobo esithangam­ini sabezindab­a eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa