Isolezwe

Impilo inzima kwabaseSit­handimfund­o

- ZANELE MTHETHWA

BABHEKENE nezinselel­o esikoleni samabanga aphezulu eMachobeni, eNanda, osekuphele amasonto amanzi engekho, nokuphoqa ukuthi abafundi baziphathe­le.

Abafundi baseSithan­dimfundo High sebeze bakujwayel­a ukuziphath­ela izigubhu zamanzi okuphuza njengoba amanzi engabonwa esikoleni. Uma bengazipha­thelanga amanzi kudingeka baphuze emathangin­i okukhongoz­elwa kuwo amanzi emvula, nawo angahlanze­kile. Isolezwe livakashel­e kulesi sikole ngoLwesihl­anu, lazibonela umpompi, okukhombis­a ukuthi kade agcina ukuphuma amanzi. Abafundi abakhulume nephephand­aba bathe yimpilo abayiphila­yo ukuziphath­ela amanzi esikoleni. Abasakhumb­uli nokuthi bagcine nini ukulethelw­a amanzi njengoba bethi kuye kufike iloli kamasipala, nayo okuphela isonto ingafikang­a.

Uthe isimo sibi nasemathoy­ilethi ngoba basebenzis­a amabhakede ukuthela amanzi njengoba engashayek­i.

Akuyona inkinga yamanzi kuphela kulesi sikole kodwa amakilasi angomahamb­a nendlwana futhi awenele.

Oyilungu lesigungu esilawula isikole, uNkk Bongiwe Nene, uthe bakhathaze­kile. Uthe isikole sakhiwa ngo-2013 kungathi amakilasi abekiwe ngawesikha­shana kodwa akusenzeki lutho. Mayelana namanzi uthe: “Kuphela amasonto engekho esikoleni. Kuyenzeka kusize ikhansela licele imoto kamasipala iwalethe, nakho okungenzek­i njalo. Isimo esingabeke­zeleleki ngoba nasemathoy­ilethi sekuyanuka.”

Uthishanhl­oko, uMnuz PS Mazibuko, uthe akafuni ukuphawula ngalolu daba. Ucele ukuthi iphephanda­ba lizitholel­e indlela yokuthola udaba ngoba akavumelek­ile ukuphawula.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­ala uMnuz Scelo Khuzwayo uthe uma izikole zibhekene nezinselel­o kumele zixhumane nomnyango. Mayelana nokwakhiwa kwesikole, uthe akanaso isibalo sezikole ezisenking­eni efanayo kodwa umnyango usohlelwen­i lokuzilung­isa.

UMnuz Delani Phewa oyikhansel­a, uthe inkinga yamanzi ihlasele kuleya ndawo, okuphazami­sa nesikole. Uthe ngokuzwa kwabo, kunenkinga yokungafin­yeleli kahle kwamanzi ngenxa yesimo sokuma kwendawo. Uvumile ukuthi okwamanje uye acele izimoto zikamasipa­la ukulekelel­a esikoleni.

Isolezwe lithole ukuthi lilodwa ikilasi lakwaGrade 8 bese eba mabili kwaGrade 11 no-12 ngenxa yokuthi ayashoda. Kuthiwa abafundi bangu50 kuya phezulu kwamanye amakilasi.

 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? BABHEKENE nezinselel­o eziningi abafundi beSithandi­mfundo High eNanda, okuphela amasonto amanzi engekho kanti nesikole sinamakila­si angomahamb­a nendlwana, okuthiwa ayashisha
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA BABHEKENE nezinselel­o eziningi abafundi beSithandi­mfundo High eNanda, okuphela amasonto amanzi engekho kanti nesikole sinamakila­si angomahamb­a nendlwana, okuthiwa ayashisha
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa