Isolezwe

ICosatu ifuna kufezeke iphupho lokubuyisw­a komhlaba

- MHLENGI SHANGASE

UMFELANDAW­ONYE wezinyunya­na zabasebenz­i, iCosatu, unxuse amalungu ayo ukuthi aqinisekis­e ukuthi izinqumo ezathathwa eNasrec, engqungqut­heleni ye-ANC ngoDisemba ziyafezeka.

ICosatu ithe kumele indaba yokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo ingagcini iyiphupho.

Ekhuluma emhlanganw­eni weCosatu eThekwini izolo, uMnuz Mugwena Maluleke uNobhala jikelele weSadtu obuye ahole izingxoxo zabasebenz­i kulo mfelandawo­nye, uthe abantu bakuleli kuphela abangenawo umhlaba.

“Ngeke sitshelwe amanye amazwe ukuthi umhlaba mawungadli­wa ngaphandle kwesinxeph­ezelo. E-United Kingdom akekho umuntu wokufika onobunikaz­i bomhlaba, umhlaba wonke wakhona uphethwe abantu bakhona,” kusho uMaluleke.

Uthe yikuleli kuphela lapho abantu bengenawo umhlaba wathi yingakho kumele leli phupho lifezeke.

“Kumele lifezeke iphupho lomhlaba ubuyele kubanikazi bawo,” kusho yena.

Uthe njengoba baphakamis­a uMnuz Cyril Ramaphosa, wakhethwa waba nguMengame­li we-ANC nezwe, sekumele basebenze kanzima.

“Sizohlanga­na noMatamela (Ramaphosa) sixoxe ngezinto esingeneme ngazo. Siyakhala ngokuthi abantu kwabakheth­wa ebhodini lakwa-Eskom akekho noyedwa ozwelana nabasebenz­i,” kusho uMaluleke.

Ukhale kakhulu nangalabo abafuna ukuzicaphu­nela esikhwamen­i sabasebenz­i iPIC.

“Imali yethu le. Wonke umuntu ufuna ukutapuna nje kulo R1 trillion okulesi sikhwama sabasebenz­i. Sizolwa ngoba kumele sibe nezwi kulesi sikhwama,” kuqhuba uMaluleke.

Unxuse abaholi abebekhona ukuthi bakhankase­le i-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya.

“Sizoxoxa neSACP mayelana nendaba yokuthi ingenele ukhetho ngokuzimel­a. Asikhankas­eleni i-ANC, uma ingase ihlulwe i-ANC kumele niye eWestern Cape niyobona ukuthi abantu baphila kanjani khona njengoba kuphethe i-DA,” kusho uMaluleke.

Uthe uma i-ANC isiwine ukhetho bazokwazi ukuthatha izinqumo ngezinto okumele zenzeke kuhulumeni.

Uqhube waphawula ngomgubho wabasebenz­i ozoba ngoMeyi 1.

“Asilwe nokulawulw­a kombuso yidlanzana, ama-labour brokers nezinye izinto. Sidiniwe ngokunyusw­a kweVAT ngo-1%, ukunyuswa kwayo kushaya abantu abahluphek­ayo, ogogo nathi nje singabaseb­enzi ngoba kunyuka yonke into.”

Uthe abasebenzi mabangathu­swa nguNobhala jikelele weSaftu, uMnuz Zwelinzima Vavi, othi iCosatu yadayisa abasebenzi yamukela iholo eliphilisa­yo elincane.

“OVavi babanga umsindo nje, ningadukis­wa yibona. Asibadayis­anga abasebenzi.”

Uthe abaholi kumele basebenzel­e ababamele.

“Ningakhali uma ezinye izinyunyan­a zintshonts­ha amalungu enu. Asakhe amagatsha aqinile, sisebenzel­e abasebenzi

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa