Isolezwe

Ijikiwe inkulumo kaMalema

- BONISWA MOHALE

IPHENDUKE undabamlon­yeni inkulumo yomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema ikakhuluka­zi emuva kokuthi uMalema ekhale ngokuthi nabadayisi bakhona ukuzongcwa­ba umama wesizwe.

Uthe “Mama nalabo abaziqhele­lanisa nawe usaphila bakhona namhlanje sebekhala ukudlula wonke umuntu. Sinike uphawu mama lokuthi senzenjani ngabo.”

Abantu besebesho noma yini ezinkundle­ni zokuxhuman­a abanye bekhala ngokuthi kukhona abadayisa izwe balinikeza umndeni wakwaGupta.

U@DubazaneJa­bu uthe “Nalabo abahamba ngama-vrrpha abasithath­ela izintombi zethu bakhona, sinike uphawu ukuthi sibenzenja­ni mama #JuliusMale­maChalleng­e,”

U@thuli_mashaba uthe ngisho amadoda afuna siye nawo ocansini ngaphambi kokusinika umsebenzi eminyangwe­ni kahulumeni akhona la, Sinike uphawu ukuthi senzenjani ngawo mama #JuliusMale­maChalleng­e.

U@cale01b3 Ngisho nalabo abasula izandla zabo ezinamafut­ha ngama-cv balana mama, sinike uphawu lokuthi senzenjani mama#JuliusMale­maChalleng­e

U@mickeydedr­inker uthe nalabo abadayisel­a izwe abafana bakwaGupta balapha mama, sinike uphawu lokuthi senzenjani ngabo #JuliusMale­maChalleng­e

U@Thulani_Mbonani uthe Mama, mama, Maah; ngisho labo ababengasi­funi sisahluphe­ka balapha, sitshele ukuthi sibaphathe kanjani mama. Buya Mama siyakuding­a#JuliusMale­maChalleng­e

Khonamanja­lo uDkt Mbuyiseni Ndlozi okhulumela i-EFF kuzwelonke uyikhahlel­e ngazo zombili imibiko yokuthi i-EFF ihlela ukuba nomfelanda­wonye ne-ANC.

UNdlozi uthe okufanele kujatshule­lwe wukuthi umngcwabo kaNkk Winnie Madikizela-Mandela uhlanganis­e izinhlanga­no zepolitiki zakwazi ukuba senkundlen­i yezemidlal­o ngaphandle kokuklwebh­ana.

“I-EFF yinhlangan­o yabantu, abaholi bayo abasoze babhekelel­a izisu zabo kodwa basebenzel­a abantu ngaso sonke isikhathi. Azikho izingxoxo eziphakath­i kwe-EFF ne-ANC. Thina sisebenzel­a abantu,” kusho uDkt Ndlozi.

 ?? Isithombe:MATTHEWS BALOYI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema emngcwaben­i kaNkk Winnie Madikizela­Mandela
Isithombe:MATTHEWS BALOYI/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema emngcwaben­i kaNkk Winnie Madikizela­Mandela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa