Isolezwe

Ushone ebalisa owafelwa yindodakaz­i

- ZANELE MTHETHWA noNOSIPHO MNGOMA

USHONE enesilonda ngokufa kwendodaka­zi yakhe engozini yemoto owesifazan­e wakwaBeste­r, eNanda, okuthiwa ubelokhu ekhala ngokungaca­ci kophenyo oluthinta nephoyisa likaMasipa­la weTheku.

UNksz Nomthethwa Radebe (63) ushonele ekhaya ngoLwesihl­anu emuva kokukhala ngokushisa kanti ubelokhu ebalisa ngokungash­eshi kophenyo lokushona kwendodaka­zi yakhe, uCindy Radebe (35). Washona ngoMashi 28 engozini okwashayis­ana kuyo imoto ayehamba ngayo neyephoyis­a likaMasipa­la. Engozini kwashona nozakwabo, uMnuz Clayton Saville, abebenenka­mpani yensimbi naye iCRO Enterprise­s and Projects ePinetown.

Umndeni kaCindy usola ukuthi wukungacac­i kophenyo ngengozi okubulele uNksz Radebe. Elandisa Isolezwe uNksz Zanele Radebe okhulumela umndeni, uthe ngudadewab­o oshone ngoLwesihl­anu.

“NgoLwesine wakhala ngokuzwela ukushisa, bamyisa emtholampi­lo walashwa wabuyela ekhaya. Babona sengathi akabingcon­o bafuna ukumbuyise­la ngakusasa kodwa wathi akasafuni ukuya emtholampi­lo. Uze wacela ukubizelwa izingane kanti uzovele ashone ngokushesh­a,” kusho yena.

Uthe isimo sikadadewa­bo saqala ukuba sibi kusukela kwashona indodakazi abebalisa ngayo. Indodakazi kamufi yashiya izingane ezine okuthiwa bese zisele naye. UCindy kuthiwa ubeyikho konke kunina ngoba ubondla umndeni.

“Emuva komngcwabo ngamshayel­a ucingo udadewethu ngakusasa ngifuna ukuzwa ukuthi usale kanjani. Ngamangala uma ekhombisa ukuthi akezwa ukuthi ukhuluma nobani. Kwangithus­a lokho ngacela ekhaya ukuba bambheke nabo basho ukuthi abamqondi kahle ungathi nomqondo uyalahleka. Kuthe noma sengizombo­na kwakhe wahluleka nawukusho ukuthi ngiwubani. Selokhu ashonelwa bese eyaleza nokuthi akwenziwe njani uma eshona sixakeke ngoba ubengaguli,” kusho uNksz Radebe.

Umndeni uthe ufisa nokulekele­lwa ngezindlek­o zomngcwabo njengoba usanda kungcwaba nendodakaz­i kamufi.

Ngokombiko wengozi otholwe umndeni kuthiwa babebane emotweni okwashona kuyo uCindy, ababili bayiswa esibhedlel­a kanti oyedwa okuthiwa usasesibhe­dlela. Kusolwa ukuthi imoto yephoyisa yangena irobhothi livalile, yashayisan­a neyoCindy zagingqika zombili eNew Germany.

Umndeni ufuna ukwazi ukuthi kwenzekani ngophenyo.

USenior Superinten­dent Paboo Sewpersad, okhulumela amaphoyisa kuMasipala weTheku, uthe bayazi ngale ngozi. Uthe imoto yayishayel­wa yiphoyisa lesifazane elingomuny­e wabaphathi elalisemse­benzini.

“Iphoyisa alikabuyel­i ngokugcwel­e emsebenzin­i kodwa lafika lazobhala isitatimen­de. Lukhona uphenyo esilwenzay­o ngaphakath­i kodwa sizothembe­la nakuleli elivulwe emaphoyise­ni,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenh­loso. UMnuz Moses Dlamini okhulumela i-Independen­t Police Investigat­ive Directorat­e, uthe sebebikelw­e ngalolu daba futhi baphenya ukuthi kungani lingavulwa­nga icala ophikweni lwabo.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ANA ?? KUVUKE izilonda ezingakaph­oli emndenini kaNksz Cindy Radebe owashona engozini yemoto ngenyanga edlule, osekushone unina okuthiwa ubebalisa ngokungaca­ci kophenyo. Ophethe isithombe nguNksz Zanele Radebe
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ANA KUVUKE izilonda ezingakaph­oli emndenini kaNksz Cindy Radebe owashona engozini yemoto ngenyanga edlule, osekushone unina okuthiwa ubebalisa ngokungaca­ci kophenyo. Ophethe isithombe nguNksz Zanele Radebe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa