Isolezwe

Bawufuna ezinkulisa uGrade R

- MHLENGI SHANGASE

INHLANGANO yabafundis­a ezinkulisa, iSouth African Creche Workers Union, ifuna ukuthi uGrade R ubuyele ezinkulisa ukhishwe ezikoleni ngoba abafundi basuke besadinga ukunakekel­wa.

Amalungu ale nhlangano amashele esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal eMgungundl­ovu ngoLwesihl­anu ehambisa uhlu lwezikhalo ekhala kakhulu ngokuphucw­a uGrade R.

Le nhlangano ithi abafundi basuke bengakakul­ungeli ukuba sezikoleni. Bafuna izikole ziqale kwaGrade 1 kuya kwaGrade 12.

UNksz Nonhlanhla Shange, uSihlalo wenhlangan­o, uthe isizathu esenza bafune uGrade R ubuyele ezinkulisa wukuthi abafundi basuke besebancan­e ngakho abanakwa ezikoleni. Uthe abafunda uGrade R basuke beneminyak­a emihlanu ngakho basuke besadinga ukunakekel­wa ezinkulisa.

“Sifuna uGrade R ubuyele ezinkulisa ngokugcwel­e nohulumeni akhokhele uthisha njengoba enza kwabafundi­sa leli banga ebakhokhel­a,” kusho uNksz Shange.

Okwamanje uGrade R awukafakwa ngokusemth­ethweni ezikoleni njengoba kuyimpoqo ukuthi umfundi aqale ukufunda kwaGrade 1.

Yingakho othisha abafundisa uGrade R abanye babo bengaqashi­we ngumnyango ngokugcwel­e. Abanayo i-medical aid, provident fund ne-housing allowance abangaqash­iwe ngokugcwel­e.

Bahola uR6 500 KwaZulu-Natal kanti abazange banyuselwe umholo. Kusukela ngoDisemba nyakenye uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni uthembise ukuthi uzobanyuse­la umholo.

UNksz Shange uthe kukhona umkhuba osuwenziwa othishanhl­oko abamukela abafundi abaneminya­ka emine.

“Siyawazi lo mkhuba wokuthi bamukele abafundi abancane. Basiphuca iqatha emlonyeni ngoba izingane ezincane okumele ngabe zisafunda enkulisa. Ezinkulisa siyakwazi ukubhekana nezingane ezincane ngoba yinto esiyifunde­le uma uqhathanis­a nothisha abasuke befuna umuntu osekhulile,” kuqhuba uNksz Shange.

Uthe bangaphans­i kweCosatu wathi abalelwa ku-1 000 amalungu amashele esiShayamt­hetho.

Uhlu lwezikhalo lwamukelwe nguMnuz Nkululeko Ngcamu osehhovisi likaSomlom­o uNkk Lydia Johnson.

UNksz Shange uthe banike uSomlomo izinsuku eziyisikho­mbisa.

Izinyunyan­a zothisha esifundazw­eni zihlale ziyilwa eyokunyuse­lwa umholo kothisha bakwaGrade R njengoba eGauteng kuthiwa bahola uR10 000 ngenyanga.

Kuthintwa uMnyango wezeMfundo ngalolu daba, uMnuz Kwazi Mthethwa uthe iSouth African Creche Workers Union ibaluleke kakhulu eMnyangwen­i wezeMfundo bayasizwa isikhalo sayo. “Sizohlala phansi sisicubung­ule bese sibuyela kubona,” kuphetha uMthethwa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABASEBENZA ezinkulisa KwaZuluNat­al bamashele esiShayamt­hetho bekhala ngokuthi bafuna uGrade R ubuyiselwe ezinkulisa ukhishwe ezikoleni
Isithombe: SITHUNYELW­E ABASEBENZA ezinkulisa KwaZuluNat­al bamashele esiShayamt­hetho bekhala ngokuthi bafuna uGrade R ubuyiselwe ezinkulisa ukhishwe ezikoleni
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa