Isolezwe

Abeneme ngokwenzek­a ecaleni loweSACP

- BONISWA MOHALE

AWUNEME neze umndeni wesishosho­vu seSACP, uNksz Nontsikele­lo Blose, ngokuthi uyedwa umuntu olahlwe yicala lokumbulal­a nelokuzama ukubulala yize bekuboshwe abasolwa abahlanu.

Indodakazi kaNksz Blose, uNksz Nomfundo Blose (21) ithe kwaboshwa abantu abahlanu ababebheke­ne necala lokubulala nelokuzama ukubulala.

“Ngiphathek­e kabi ukuthi uyedwa umuntu olahlwe yicala yize kwakuboshw­e abahlanu. Bengizitsh­ela ukuthi bonke ubufakazi buqoqwe ngendlela efanele futhi bonke abasolwa bazotholwa benecala yize kungesibo bonke abazotholw­a necala lokubulala kodwa kunokuthil­e okubahlang­anisa nokubulawa kukamama,” kusho uNksz Blose.

Uthe kwakuboshw­e oMnuz Bonginkosi Hlengwa, Sthembiso Mnguni, Lindokuhle Basi, Khehla Shozi noLungisan­i Lungu bonke babeziqhat­hulula ecaleni.

NgoLwesihl­anu iMantshi uNkk Sharon Marks ithole uShozi enecala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Ithe kufanele abuye enkantolo ngoMeyi 31 azogwetshw­a.

UNksz Blose uthe uzokhuluma nobuholi beSACP ngokungena­mi kwakhe ukuze kuthathwe izinyathel­o ezithile.

Uthe impilo inzima selokhu kwabulawa unina ngoba nguye obhekele izingane zakubo ezintathu okuhlangan­isa nomagcino oneminyaka emihlanu.

“Angisebenz­i, ngisafunda, kufanele ngizinakel­ele mina, nezingane zasekhaya. Ngisebenzi­sa imali engangiyit­hola ngesikhath­i ngisacashi­le njengofaka­zi woMbuso. Bengitshel­a ugogo ukuthi ngicabanga ukuyeka isikole ngifune amatoho ngoba nemali iyaphela kodwa wathi angiqhubek­e nesikole sizobona ukuthi senzenjani. Kunzima njengoba umama engasekho,” kusho uNksz Blose.

IPhini likaNobhal­a weYoung Communist League (YCL) kuzwelonke, uMnuz Isaac Luthuli, lithe bayajabula ukuthi umuntu owabulala utholakele futhi walahlwa yicala kodwa abaneme ukuthi ngeke athole udilikajel­e.

“Imantshi ithe abukho ubufakazi obuveza ukuthi uNksz Blose wabulawa ngenxa yokuthi wayewufaka­zi obalulekil­e ecaleni elithinta isihlobo sikamsolwa olahlwe yicala, ngaleyo ndlela ngeke awuthole udilikajel­e. Asineme nokuthi alikho icala elavulwa ngezibhamu ezingekho emthethwen­i nokuphula umthetho. Abasolwa abadedeliw­e bakhohlisa inkantolo siyakhala ngalokhu,” kusho uLuthuli.

Uthe bayasola ukuthi kunokungen­elela kosopoliti­ki kulolu daba.

Uphinde wakhala ngobuholi be-ANC athe selokhu kwabulawa uNksz Blose, abukaze buvakashel­e umndeni wakhe nokuyobona izingane esezisele zodwa.

“Ukuthula kwe-ANC kuyamangaz­a ngoba kusho ukuthi ayiboni ukuthi kukhona okonakele ngokubulaw­a kwabantu eNtshangwe. Sifisa abaholi be-ANC bafunde ukuzwelana nabantu njengoMama uWinnie Madikizela­Mandela owayehambe­la abantu uma bevelelwe yisigameko esibi,” kusho uLuthuli.

UNksz Zinto Cele okhulumela i-ANC eThekwini, uthe bazophawul­a uma inkantolo isiphothul­e umsebenzi wayo, okwamanje ucela kudedelwe inkantolo.

 ?? Isithombe:NQOBILE MBONAMBI ?? UNKSZ Nomfundo Blose (ofake izibuko) uthi ufuna ubulungisw­a ecaleni lokubulawa kukanina. Lapha wathathwa esemngcwab­eni kanina ngo-2016 nezingane zakubo nesihlobo
Isithombe:NQOBILE MBONAMBI UNKSZ Nomfundo Blose (ofake izibuko) uthi ufuna ubulungisw­a ecaleni lokubulawa kukanina. Lapha wathathwa esemngcwab­eni kanina ngo-2016 nezingane zakubo nesihlobo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa