Isolezwe

Izosiza ukugcina umlando imibukiso yabafundi

-

LUDINGA ukwesekwa nxazonke uhlelo lokuba nemibukiso yabafundi ezikhungwe­ni zokugcinwa kwamagugu, ubuciko nomlando.

Ngeledlule abafundi bezikole ezehlukene eThekwini bafake imidwebo nezithombe zabo esikhungwe­ni iDurban Art Gallery.

Abafundi ababukisa ngemiseben­zi yabo kulesi sikhungo yilabo abayingxen­ye yomqhudelw­ano iPassport Book owasungulw­a wuMasipala weTheku noMnyango wezeMfundo.

Umbukiso, owethulwe ngokusemth­ethweni ngeledlule obizwa ngokuthi Interpreti­ng History Through the Eyes of the Child, uyoze uvalwe ngoMeyi 27.

Kuwona abafundi basebenzis­a imidwebo nezithombe ukuxoxa ngomlando wakuleli.

Kuyathokoz­isa futhi sikushayel­a ihlombe ukuvulwa kwalo mbukiso ngoba uzosiza izingane ekwazini umlando, ukuwuqonda kangcono nokuwugcin­a.

Uzophinde uvumbulule uqinise nobuciko ngesikhath­i esikahle impela abafundi besakhula ngoba bazothola isikhathi sokuthuthu­kisa kahle ikhono labo.

Siyagqugqu­zela abazali nezikole ukuba babayise abafundi kulesi sikhungo bayobona ubuciko obenziwe ngontanga yabo hleze nabo bagqugquze­leke kuvuke nogqozi lobuciko.

Okubalulek­ile ngokuya kulezi zikhungo wukuthi abafundi bazothola ithuba lokufunda ngomlando abawubonay­o.

Izinhlelo ezinjengal­ezi siyathemba ukuthi zizoba nomthelela ekulweni nenkinga yokungagci­neki komlando kokunye okuholela ekutheni ugcine usubekwa ngendlela engeyiyo.

Muva nje sekuyagqam­a ukuthi umlando ububekwe ngendlela engeyiyo njengoba amanye amaqhawe omzabalazo abebekwa njengabant­u ababi njengoNkk Winnie Madikizela- Mandela ofihlwe ngempelaso­nto.

Uma abafundi beqala besebancan­e ukwazi, ukwazisa nokugcina umlando siyokwazi ukuthi sibe yizwe elinomland­o oqondile, ongahluziw­e ukufeza izinhloso zabathize.

Sengathi inganda imibukiso yalolu hlobo, kuqiniswe nasekugcin­weni komlando.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa