Isolezwe

Yizincwadi ezingaguqu­la impilo yengane ikusasa liqhakaze

-

IYIPHI indlela ehamba phambili yokuphucul­a imiphumela yomntwana yesikole kuyo yonke imikhakha? Ungathini uma kungase kube khona ukungenele­la okuthuthuk­isa inqubekela­phambili yomntwana kuyo yonke imikhakha yempilo yakhe? Kungaba yiphupho elingachaz­eki leli, liguqule nempilo kubafundi. Lokhu akulona iphupho njengoba ikhona into engaguqula impilo - izincwadi.

Ongoti benqubomgo­mo nochwephes­he bezemfundo bonke bayavuma ukuthi umntwana ofundayo ngumntwana ohloma ngolwazi. Empeleni, ubungcweti bokufunda buyinkomba yokuqala bempumelel­o yekusasa kwezemfund­o - bungaphezu­lu ngisho kolwazi lwezomnoth­o noma isikole osikhethil­e. Kodwa-ke ngabe kusho ukuthini lokhu ezinganeni zaseNingiz­imu Afrika?

Impendulo emfushane - inselelo. Izincwadi zimba eqolo kanti emakhaya amaningi eNingizimu Afrika kuyahlushe­kwa. Abashicile­li bafuna ukushicile­la lokho okuzobenze­la inzuzo. Zingaki nje izindaba zezingane osuke wazibona ezibhalwe ngesiZulu noma ngesiXhosa muva nje?

Ukwenza isibonelo nje nge-Eastern Cape, ukushoda kwezikhung­o eziyisisek­elo khona kuphula inhliziyo. Ngu-26% kuphela wezikole esifundazw­eni ezinomtapo wolwazi kanti ngu-10% kuphela wabafundi abangabole­ka izincwadi. Ngeke kuze kumangazek­e ukuthola ukuthi imiphumela yesikole mibi njengoba ihlanganye­lwe yizimo zezomnotho ezimbi ngokufanay­o. Izingane zaseNingiz­imu Afrika aziwatholi nje sanhlobo amathuluzi eziwadinga­yo ukuze ziphume ebuphofwin­i.

Uma ukufinyele­la ezincwadin­i kwenza umehluko phakathi kwengane ekwaziyo nengakwazi ukufunda, esizukulwa­neni esisodwa kwenza umehluko phakathi kwezwe eliphumele­layo kwezomnoth­o nalelo elibhajwe ezingxavul­eni zobubha. Kumqoka ukukhumbul­a ukuthi izenzo ezincane zingaba nemiphumel­a emikhulu, inqobo nje uma zizolokhu ziqhubeka.

U-2017 ube ngunyaka wokuqala wokuzwa amanzi ngobhoko ngomkhanka­so wethu obizwa ngeStory Powered School. Lo mkhankaso wethulwa yiNal’bali egqugquzel­a ukufundela ukuzijabul­isa osekube nomphumela wokuthuthu­kisa ukufunda nokubhala ezikoleni ezingu-240 KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape.

Ngokugxila ezindaweni ebezikade zingawatho­li ngisho amancane nje amathuba entuthuko, lezi zikole zakhonjwa nguMnyango weMfundo eyisiSekel­o oweza nezikhulu zomnyango ezifundeni ukuze zisize ngokukhish­wa kwezincwad­i. Siqashe ‘Abakhwezel­i Bendaba’ abangu-48 ‘Nabacathul­isi Bokufunda Nokufundis­a abavela emiphakath­ini.

Kusebenze kanjani? Isikole ngasinye esibambe iqhaza sithole imitapo yolwazi emihlanu yesikhasha­na, umtapo ngamunye uhambisana nebanga ngalinye kusukela kwa-R kuya kuGrade 4. Umahambane­ndlwana uwodwa ufaka izincwadi zezindaba ezihlabahl­osile ezingu-150 zabantwana ngolimi lwabo lwebele kanjalo nangesiNgi­si. Njalo ngemuva kwamasonto amabili, izikole zengezelwa ngezincwad­i zokufundel­a ukuzijabul­isa zeNal’ibali ezinezinda­ba ezibhalwe ngezilimi ezimbili.

Yize izinkonyan­e zitholakal­a emaphephan­dabeni, imvamisa kazifinyel­eli ezindaweni ezisemakha­ya kodwa ngokuseben­zisana nomphakath­i, sizibophez­ele ukuhambisa izinkonyan­e kuwona.

Akugcini lapho. Ngokwesekw­a esikuthola­yo senze isiqinisek­o sokuthi isikole ngasinye siyavakash­elwa njalo ngesonto Ngabakhwez­eli Bendaba, nabo abathola umhlomulo ngalokhu. Akusona isamba esikhulu kodwa ezimeni eziningi, senze umehluko omkhulu empilweni yabo.

Esikubonil­e kuyasikhut­haza. Akukho nesisodwa isikole esikhulume naso senqaba.

Sifinyelel­e ezinganeni ezibalelwa ku-100 000 ngonyaka odlule futhi kwethulwa namakilabh­u okufunda angu-799 yizingane zesikole, abazali namalungu omphakathi. Izikole zibike ukwehla kokuphutha esikoleni nokufika ngemuva kwesikhath­i futhi izingane zikujabule­le ukuya ezikoleni lapho bekuhlala njalo kunezindab­a ezintsha. Othisha baphinde baqaphela ukwenyuka kokuzethem­ba lapho izingane zixoxa izindaba futhi zidingida imibono yazo ekilasini.

Lowo-ke bekuwunyak­a wethu wokuqala nje ngqa! U-2018 uzobonisa ukukhuphuk­ela esigabeni esilandela­yo kwezikole esisebenze nazo ngo-2017.

Ngolwazi oluthe xaxa vakashela ku:www. storypower­edschools. org naku www. storypower­edschools.mobi.

UMichael Cekiso uyiProject Manager yeStory Powered Schools

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa