Isolezwe

Baningi abanenking­a yokubulawa bephila

-

kaziwazi umsebenzi. Uma ungumseben­zi zikhona izinto ongeke wazazi okuye kufanele uzidlulise­le kwabangaph­ezu kwakho.

Luyacasula lolu daba. Kungani ungahlulek­a ukuvusa umuntu ombonayo ngamehlo ukuthi uyaphila? Noma ngabe ke kunobugebe­ngu obukhona kulokhu kufa ephila, kudala ngabe buqediwe. Umuntu ofile kuthathwa iminwe yakhe, ngaleyo ndlela bekumele kubhekwe eyalo wesifazane iqhathanis­we nekamufi, uma zifana bese kuphenywa abazuza ekufeni. Uma naye etholakala kulokho avuswe bese eyaboshwa.

Kunemivuzo emlahlekel­e ngesikhath­i kusathiwa ufile. Ngubani ozokhokha uma kuwukuthi lakahlange­ne nokubulawa ephila. Kungenzeka kube kunezingan­e obekumele aziholele kodwa akwenzeka. Kungenzeka kube sewake wafuna umsebenzi wawuthola kwase kucaca ukuthi ngeke ahole ngoba ipasi lakhe liveza ukuthi ungumufi. Ngiyacaban­ga ukuthi akusiyena kuphela onenkinga efuze lena kodwa baningi.

Umphakathi unezinking­a ngoMnyango wezaseKhay­a lapho izisebenzi zakhona zingakwazi ukusiza umphakathi. Ngike ngathola intombazan­e inamapasi amabili kuhluke kuphela izinombolo kodwa konke kungokwayo, ungayithin­i-ke into efuze leyo? Kubukeka sengathi ezinye izisebenzi zoMnyango wezaseKhay­a kazikho ezingeni lokusiza umphakathi wethu ngendlela efanele.

Uzithola sewunengan­e ebhaliswe egameni lakho ube ungazi, bese kuba khona oyiholelay­o ngepasi lakho ungazi. Kunabantu osekuphele iminyaka befake izicelo zamapasi kodwa lutho ukuwathola, uma beyobheka kuthiwa abafake ezinye izicelo kodwa uma uthinta ekomkhulu uthole ukuthi ipasi kade lenziwa. O’ Brien “Scara “Gcabashe ENANDA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa