Baningi abanenkinga yokubulawa bephila
kaziwazi umsebenzi. Uma ungumsebenzi zikhona izinto ongeke wazazi okuye kufanele uzidlulisele kwabangaphezu kwakho.
Luyacasula lolu daba. Kungani ungahluleka ukuvusa umuntu ombonayo ngamehlo ukuthi uyaphila? Noma ngabe ke kunobugebengu obukhona kulokhu kufa ephila, kudala ngabe buqediwe. Umuntu ofile kuthathwa iminwe yakhe, ngaleyo ndlela bekumele kubhekwe eyalo wesifazane iqhathaniswe nekamufi, uma zifana bese kuphenywa abazuza ekufeni. Uma naye etholakala kulokho avuswe bese eyaboshwa.
Kunemivuzo emlahlekele ngesikhathi kusathiwa ufile. Ngubani ozokhokha uma kuwukuthi lakahlangene nokubulawa ephila. Kungenzeka kube kunezingane obekumele aziholele kodwa akwenzeka. Kungenzeka kube sewake wafuna umsebenzi wawuthola kwase kucaca ukuthi ngeke ahole ngoba ipasi lakhe liveza ukuthi ungumufi. Ngiyacabanga ukuthi akusiyena kuphela onenkinga efuze lena kodwa baningi.
Umphakathi unezinkinga ngoMnyango wezaseKhaya lapho izisebenzi zakhona zingakwazi ukusiza umphakathi. Ngike ngathola intombazane inamapasi amabili kuhluke kuphela izinombolo kodwa konke kungokwayo, ungayithini-ke into efuze leyo? Kubukeka sengathi ezinye izisebenzi zoMnyango wezaseKhaya kazikho ezingeni lokusiza umphakathi wethu ngendlela efanele.
Uzithola sewunengane ebhaliswe egameni lakho ube ungazi, bese kuba khona oyiholelayo ngepasi lakho ungazi. Kunabantu osekuphele iminyaka befake izicelo zamapasi kodwa lutho ukuwathola, uma beyobheka kuthiwa abafake ezinye izicelo kodwa uma uthinta ekomkhulu uthole ukuthi ipasi kade lenziwa. O’ Brien “Scara “Gcabashe ENANDA