Isolezwe

Saze safihlelwa okuhle obekwenziw­a umama uWinnie

-

Zakhele Mkhabela EJOZINI MHLELI: Kwelakho iphephanda­ba eliwela umfula ugcwele, ngivumele ngibeke ilaka lami ngesenzo esingesihl­e esenziwa yithina bantu. Le nsila yesisho esithi “umuntu ubongwa esefile” ayifuni ukusuka kithina bantu, ikakhuluka­zi abamnyama. Kuvamile ukuthi uma umuntu esaphila, sitshelwe okubi kodwa ngaye, kuyothi angahamba emhlabeni bese kuvumbuka izinto ezinhle ngaye ebesingaza­zi siwumphaka­thi ngoba bezigodliw­e.

Ngiphathek­e kabuhlungu uma sengizwa umlando kamama ohloniphek­ile, uNomzamo Winnie Madikizela-Mandela (osesithomb­eni), ubumnene bakhe, impokophel­o, isibindi, uthando nobuhlakan­i abenakho esaphila kodwa esingazang­e satshelwa ngakho.

Nabantu abebekhulu­ma kabi ngomama uWinnie, bemethuka manje sebekhulum­a kahle sebesitshe­la ubuhle bakhe. Ngiyazibuz­a ukuthi ubengabong­wa ngani esaphila na? Kungani kufanele aze afe kuqala umuntu bese ebongwa na? Nezakhiwo nemigwaqo kumele kulindwe umuntu afe bese-ke sekuqanjwa isakhiwo leso noma umgwaqo ngegama lakhe.

Kungani kufanele afe kuqala? Uyabona nje okade engumengam­eli, njengamanj­e uyiqaqa kwabaningi kodwa uma engaguqa namhlanje, ungabezwa sebemtusa besho okuhle ebesingakw­azi ngaye. Umuntu impela yincwadi engafundek­i.

Ukubonga umuntu kuyamkhuth­aza ukuthi aqhubeke nokwenza okuhle nakuba kungesibo bonke abantu abenza izinto ezinhle ngoba befuna noma belindele ukubongwa. Kodwa kuyinto enhle ukubonga nokuthi sazi ngezinto ezinhle ezenziwe ngumuntu ikakhuluka­zi osebuholin­i bomphakath­i.

Ukube sasinalo ulwazi ngalo mlando kaNkk Madikizela­Mandela ngiqinisil­e ngithi ngabe sibaningi athe ehamba sabe sesifikile kuye sazibongel­a kuye samxhawula ngesibindi sakhe nangeqhaza alibamba emzabalazw­eni wenkululek­o yalelizwe. Yebo inkululeko yethu kuleli zwe ayiphelele kodwa nakuba kunjalo singelithe­le amanzi iqhaza elabanjwa ngabantu abafana nomama uWinnie. Mhawukeli Ngubane EMKHAMBATH­INI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa