Isolezwe

Abasalanga osaziwayo kokaMadiki­zela

- NOKUBONGWA PHENYANE

OSAZIWAYO bakuleli abasalanga kuhlonishw­a iqhawe lomzabalaz­o, uMama uWinnie Madikizela­Mandela, enkonzweni yomngcwabo wakhe obusenkund­leni yezemidlal­o i-Orlando Stadium, eSoweto ngoMgqibel­o.

UZonke Dikana noThandisw­a Mazwai bashiye inkundla ihlokoma ngezingoma abazicule kuvalelisw­a leli qhawe.

UThandiswa ucule ingoma ethi Nizalwa Ngobani.

Kule ngoma uThandiswa ukhuluma ngamaqhawe ahlukene alwela inkululeko kuleli, kubalwa noMadikize­la Mandela.

Iningi livele lasukuma lacula nale ntokazi kule ngoma, limemeza amaqhawe ahlukene.

Eqeda kuyicula kuchwaze inkundla, kwacaca ukuthi abantu bachazekil­e. NoZonke ecula ingoma ethi Viva, naye ushiye abaningi bechazekil­e ngisho ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UNtokozo Mbambo noLinda Bukhosini bashayelwe ihlombe.

USipho “Hotstix” Mabuse noDorothy Masuka nabo bajatshule­lwe yiningi.

Inkulumo yomkhangis­i waphesheya kwezilwand­le uNaomi Campbell ivuse umunyu kwabaningi kuleli.

UNaomi ubonge ukwazana noWinnie wathi uthando amkhombise lona, lukhulu selokhu amazi.

Efunda inkulumo yakhe bezilokhu zehlile izinyembez­i kuyena.

Kosaziwayo bakuleli abebesemng­cwabeni kubalwa uNomzamo Mbatha, Zinzi Zungu, Musa Mseleku nenkosikaz­i yakhe uThobile uMaKhumalo nabanye.

NgoLwesihl­anu emadolobhe­ni ahlukene kuleli kwakunamak­honsathi okuhloniph­a leli qhawe ngomculo.

 ??  ?? UTHANDISWA Mazwai ujatshulel­we yiningi ecula ingoma ethi Madikizela-Mandela ngoMgqibel­o Nizalwa Ngobani kungcwatsh­wa uWinnie
UTHANDISWA Mazwai ujatshulel­we yiningi ecula ingoma ethi Madikizela-Mandela ngoMgqibel­o Nizalwa Ngobani kungcwatsh­wa uWinnie
 ??  ?? NAOMI CAMPBELL
NAOMI CAMPBELL
 ??  ?? SIMPHIWE DANA
SIMPHIWE DANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa