Isolezwe

IVuma nemizamo yokuvala izikhala zabashiyil­e

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMSAKAZO ozinze eMhlanga, eThekwini, iVuma FM, usuveze ukuthi uxoxa nabantu abahlukene ukuze kuvalwe izikhala zabasakazi abasanda kushiya kulo msakazo.

Muva nje lo msakazo ushiywe abasakazi okukhona kubo noZandile “Zeal” Dladla wohlelo lwasekusen­i phakathi nezinsuku wajoyina uKhozi FM.

Kusenjalo kube sekuvela izindaba zokuthi umethuli wohlelo lwantambam­a phakathi nezinsuku, uTrevor Phillips odume ngoTP naye ushiyile njengoba kuthiwa umndeni wakhe usufudukel­e phesheya kwezilwand­le, eLondon.

Kube sekulandel­a izindaba zokushiya kukaMathum­o Manaka obengena ngempelaso­nto naye okuvele ukuthi ulaxaze lo msakazo wajoyina iThobela FM.

Okhulumela iVuma, uTee Van Heerden, ukuqinisek­isile ukuthi ababalwayo bashiyile futhi bamatasa bathungath­a abazovala izikhala zabo.

“Bakhona abantu esisezingx­oxweni nabo ukuze kuvaleke izikhala ezivulekil­e kodwa asikafinye­leli esiphethwe­ni nalabo esixoxa nabo,” kusho uTee.

Ebuzwa ukuthi ngabe lesi siteshi sizozimeme­zela nini izinguquko uthe okwamanje abakwazi ukuphendul­a umbuzo ofana nalowo.

Lesi siteshi sishiywa abasakazi baso nje izibalo zakamuva ngabalalel­a imisakazo ezaphuma ngonyaka odlule zakhombisa ukuthi iVuma inyukelwe abalaleli ngezinga eliphezulu kusukela yaqala ukuzwakala emoyeni.

Abaphathi bomsakazo bayijabule­la indlela esenza ngayo bancoma ithimba abanalo labasakazi bathi lenza umsebenzi oncomekayo nsuku zonke emoyeni.

 ??  ?? ZONKE DIKANA
ZONKE DIKANA
 ??  ?? UMATHUMO Manaka ngomunye wabasakazi abashiye iVuma FM nokudale ukuthi kuvuleke izikhala kulo msakazo oshiywe nawuTP noZeal Dladla
UMATHUMO Manaka ngomunye wabasakazi abashiye iVuma FM nokudale ukuthi kuvuleke izikhala kulo msakazo oshiywe nawuTP noZeal Dladla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa