ULira uqophe izingoma neBlack Mambazo
UMZWILILI wakuleli uLira useveze ukuthi ufuna ukunyusa igama lakhe laziwe emazweni aphesheya ikakhulukazi e-USA.
NgoMgqibelo le ntokazi esizakhele igama kuleli ibiqopha neqembu iLadysmith Black Mambazo eThekwini.
ULira ubeqopha izingoma zakhe ezimbili ezizozwakala kwi-albhamu yakhe ezophuma ngasekupheleni konyaka.
Ekhuluma neSolezwe uLira uthe kusuka kudala wayefuna ukwenza izingoma neMambazo kodwa wukuba matasa okwenze izinto zahamba kancane.
“Ngiqale ngokuya phesheya ngayofuna ophrojusa ababili ngabathola. Lona engisebenza naye kulezi zingoma engiziqopha neMambazo useqokwe kabili eminxeni ehlukene kumaGrammy Awards,” kuchaza uLira.
Uthe kule albhamu ufuna ukusebenza nabantu asebeke baqokwa emcimbini wamaGrammy ukuze umculo wakhe uthakaselwe abaningi.
“Ezingomeni engizenza neMambazo kukhona ethi Feel It nethi Body Need Motions. Ngiyathemba abantu bazozithokozela futhi ne-albhamu yonke bazoyithanda,” kuchaza yena.
Uthe yize ematasa ne-albhamu entsha kodwa abantu basaqhubeka nokuthokozela ukumbona ecula izingoma zakhe ezindala emadolobheni ahlukene.
“Ngifuna ukushiya umlando ongeke ulibaleke kalula kuleli uma kuza emculweni. Ukusebenza nophrojusa abake basebenza noMichael Jackson, Gwen Stefani nabanye ngiyathemba kuzothela izithelo ezinhle emculweni wami futhi kuphakamise negama leNingizimu Afrika,” kuchaza yena.
UXolani Majozi, okhulumela iBlack Mambazo, uthe kuyabajabulisa ukusebenza noLira ngoba kade ayebacela ukuthi baqophe bonke.