Isolezwe

ULira uqophe izingoma neBlack Mambazo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMZWILILI wakuleli uLira useveze ukuthi ufuna ukunyusa igama lakhe laziwe emazweni aphesheya ikakhuluka­zi e-USA.

NgoMgqibel­o le ntokazi esizakhele igama kuleli ibiqopha neqembu iLadysmith Black Mambazo eThekwini.

ULira ubeqopha izingoma zakhe ezimbili ezizozwaka­la kwi-albhamu yakhe ezophuma ngasekuphe­leni konyaka.

Ekhuluma neSolezwe uLira uthe kusuka kudala wayefuna ukwenza izingoma neMambazo kodwa wukuba matasa okwenze izinto zahamba kancane.

“Ngiqale ngokuya phesheya ngayofuna ophrojusa ababili ngabathola. Lona engisebenz­a naye kulezi zingoma engiziqoph­a neMambazo useqokwe kabili eminxeni ehlukene kumaGrammy Awards,” kuchaza uLira.

Uthe kule albhamu ufuna ukusebenza nabantu asebeke baqokwa emcimbini wamaGrammy ukuze umculo wakhe uthakaselw­e abaningi.

“Ezingomeni engizenza neMambazo kukhona ethi Feel It nethi Body Need Motions. Ngiyathemb­a abantu bazozithok­ozela futhi ne-albhamu yonke bazoyithan­da,” kuchaza yena.

Uthe yize ematasa ne-albhamu entsha kodwa abantu basaqhubek­a nokuthokoz­ela ukumbona ecula izingoma zakhe ezindala emadolobhe­ni ahlukene.

“Ngifuna ukushiya umlando ongeke ulibaleke kalula kuleli uma kuza emculweni. Ukusebenza nophrojusa abake basebenza noMichael Jackson, Gwen Stefani nabanye ngiyathemb­a kuzothela izithelo ezinhle emculweni wami futhi kuphakamis­e negama leNingizim­u Afrika,” kuchaza yena.

UXolani Majozi, okhulumela iBlack Mambazo, uthe kuyabajabu­lisa ukusebenza noLira ngoba kade ayebacela ukuthi baqophe bonke.

 ??  ?? UMCULI wakuleli uLira useveze ukuthi usezogxila kakhulu ekusebenze­ni nabantu asebeke baqokwa eminxeni ehlukene emcimbini wamaGrammy ukuze enze umculo ozojatshul­elwa abantu abahlukene kuleli IBIPHUME ngobuningi intsha yaKwaZulu-Natal izozama inhlanhla...
UMCULI wakuleli uLira useveze ukuthi usezogxila kakhulu ekusebenze­ni nabantu asebeke baqokwa eminxeni ehlukene emcimbini wamaGrammy ukuze enze umculo ozojatshul­elwa abantu abahlukene kuleli IBIPHUME ngobuningi intsha yaKwaZulu-Natal izozama inhlanhla...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa