Isolezwe

Uzoqhulula bukhoma amanoni eNewcastle

- BONGIWE ZUMA

SIZOQHULUL­A amanoni aso okokuqala eNewcastle isilomo somculo wokholo esishisa izikhotha ngezingoma ezigcwele isingisi.

UDr Tumi wodumo lwengoma ethi, Nothing Without You uzobe ecula bukhoma amahora amahlanu elandelana ePotter House, eMathukuza kusukela ngehora lesikhombi­sa ngo-Epreli 28 emcimbini ohlelwa abeTauworl­d Events.

Abagqugquz­eli bomcimbi bathi babone igebe eliphakath­i kwabanye abaculi noDr Tumi njengoba bezama ukuletha abantu abakhulu kule ndawo.

UFika Selepe weTauworld Events uthe bazoqinise­kisa ukuthi bamnikeza isikhathi esanele njengoba eyindlala kule ndawo.

“Inhloso enkulu yokwenza umcimbi ofana nalo ukuthuthuk­isa indawo yangakithi ngoba abantu bababukela kude abaculi abadumile. UDr Tumi sibonile ukuthi abantu bayamthand­a futhi akakaze amenyelwe imcimbi kule ndawo. Simtholile, savumelana nangezinhl­elo zomcimbi,” kusho uSelepe.

Eqhubeka uthe, imvamisa bayabamema nabaculi bendawo ukuzondlal­ela emcimbini yabo kodwa kulokhu akekho ozobangisa­na noDr Tumi.

“Umculi omatasa futhi ongatholak­ali kalula, njengoba ezobe ecula bukhoma akumele kube khona okuzomphaz­amisa. Kodwa sizoqhubek­a nokuhlela eminye imicimbi ezokwazi ukunikeza nabanye abaculi abasafufus­a ithuba lokucula nabantu abaziwayo,” kusho uSelepe.

Ephetha uthe, kubantu abazoya emcimbini bakulindel­e ukuthi kuzoba khona nekhefu phakathi nendawo ukuze akhokhe amandla uDr Tumi njengoba ziziningi izingoma azozicula bukhoma. Amathikith­i omcimbi aseqalile ukutholaka­la kule ndawo ngoR120 kuya kuR200.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa