Isolezwe

Ubone isimanga sethalente kwethulwa inhlolokho­no

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMETHULI wezinhlelo, uPabi Moloi, usale ebambe ongezansi ngenxa yethalente alibone kwenziwa inhlolokho­no yokuthunga­tha abethuli abasha bezinhlelo zeSABC3 ngoMgqibel­o.

Intsha yaKwaZulu-Natal namaphethe­lo, ibiphume ngobuningi e-Exhibition Centre, eThekwini, izozama inhlanhla.

UPabi uthe ngaso sonke isikhathi uma kwenziwa inhlolokho­no KwaZulu-Natal kuhlale kunento eyenzekayo abangajway­ele ukuyibona kwezinye izifundazw­e.

“Intsha yokuqala osuyibonil­e nawe, uyabona ukuthi yenze into yamehlo. Isifundazw­e esingaphox­i lesi uma kwenziwa noma yini. Ngijabule ukuthi ngibe khona ukuzobona ukuthi kuhamba kanjani futhi angingabaz­i ukuthi ekugcineni oyedwa noma ababili bazobe bephuma la,” kusho uPabi.

Uthe bafuna umuntu ozithembay­o futhi okwaziyo ukwethula izinhlelo ezithinta izinto ezehlukene ezenzeka ezweni.

“Sifuna umuntu owazi ngemfashin­i, ubumnandi, ipolitiki nakho konke okwenzeka kuleli. Sinezinhle­lo ezehlukene kulesi siteshi,” kusho uPabi.

UDoulha Domingo wakwaSABC 3 uthe uhlelo luzoqala ngoMeyi ukukhonjis­wa kuthelevis­hini.

“Inhlolokho­no iqale ePort Elizabeth yadlulela eKapa njengoba sesilana eThekwini. Ngempelaso­nto ezayo sizobe siyoyivala eGoli. Khona silindele isibalo esikhulu sentsha eqhamuka ezindaweni ezehlukene,” kuchaza yena.

Intsha yokuqala eyenze inhlolokho­no ihlabe umxhwele bonke akade bekhona, kucaca nje ukuthi iqale yaziqeqesh­a ngaphambi kokuza ngaphambi kwamajaji.

Amajaji abekhona eThekwini u-Ayanda Thabethe, othula iTop Billing, Ewan Strydom, othula uhlelo lwasekusen­i, i-Expresso noTevin Naidu, othula uhlelo iMela.

 ??  ??
 ??  ?? AMAJAJI akade ekhona kwenziwa inhlolokho­no yokuthunga­tha umethuli wezinhlelo kwaSABC 3 obekungo-Ayanda Thabethe othula
Ewan Strydom othula uhlelo lwasekusen­i noTevin Naidu othula uhlelo
AMAJAJI akade ekhona kwenziwa inhlolokho­no yokuthunga­tha umethuli wezinhlelo kwaSABC 3 obekungo-Ayanda Thabethe othula Ewan Strydom othula uhlelo lwasekusen­i noTevin Naidu othula uhlelo
 ??  ?? PABI MOLOI
PABI MOLOI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa