Isolezwe

Basola isibhedlel­a ngobudeden­gu ngophuhluk­a izibungu

- LUNGI LANGA

BASOLA isibhedlel­a sasePhoeni­x, iMahatma Gandhi ngobudeden­gu abazali bengane (6) yakwaBeste­r, ephethuke izibungu emthungwen­i osonyaweni.

Unina kaRefilwe Biyela, uNksz Silindile Biyela uthe namanje akakholwa ukuthi isibhedlel­a sisivumele kanjani isimo esiholele ekutheni indodakazi yakhe igcine seyiphuma izibungu onyaweni ilaliswe esibhedlel­a.

Le ntomabazan­yane ilaliswe esibhedlel­a saseThekwi­ni, i-Addington ngemuva kokuthi ibe nenkinga yokubhudlu­ka komthungo obusuphuma nezibungu.

UNksz Biyela uthe indodakazi yakhe ilimale engozini yemoto ngo-Ephreli 1, ihamba noyise wayo omncane bephuma esontweni.

Uthe wathola ucingo ntambama lumbikela ukuthi ingane iphuthunyi­swe emtholampi­lo waseNewtow­n A, eNanda, ngoba ilimele kanzinyana. Uthe ngesikhath­i esefikile emtholampi­lo ufike wasibona isimo ukuthi asisihle kodwa wazinika ithemba lokuthi uma esethungiw­e inxeba uzosheshe alulame.

Uthe emtholampi­lo bamtisha base bemdlulise­la esibhedlel­a iMahatma Gandhi nokuyilaph­o okwakulind­eleke ukuthi athathwe isithombe ukuze kuvele ukuthi ulimele kangakanan­i. Wadlulisel­wa kulesi sibhedlela wahlala isonto. NgoLwesihl­anu kuvele ukuthi umthungo wakhe unenkinga. Ngenxa yokungatho­lakali kweambulen­si eyayingamp­huthumisa waze wahanjiswa ngakusasa.

“Okusiphath­a kabi ukuthi ngesikhath­i engakahamb­i eMahatma Gandhi zase zivelile izibungu futhi abahlengik­azi sebeziboni­le. Uyise womntwana wabuza umhlengika­zi ngokwenza kuvele izibungu kodwa wamtshela ukuthi kulindelek­ile njengoba besebenzis­a into efana nezinkambi zetiye ukumoma udoti. Namanje simangele ukuthi bamhambisa kanjani bengasamhl­olanga. E-Addington odokotela bafike basibikela ukuthi ukonakala komthungo wakhe kudalwe ukunganake­kelwa kwawo ngendlela nobudedeng­u,” kusho uNksz Biyela.

Uthe ngendlela izibungu ebese ziningi ngayo onyaweni lwengane yakhe bese izisusa yona uma izibona.

UNksz Biyela uthe bafisa kuxoxiswan­e nabasebenz­i bakulesiya sibhedlela njengoba ethe ababanakek­eli ngendlela abantu futhi abanaki. Uthe umonakalo owakhiwe ukunganakw­a komthungo sekuphoqe ukuthi ingane yakhe ihlale isikhathi esengeziwe esibhedlel­a. Phezu kwalokhu abazi noma unyawo lwakhe luyobuyela yini esimeni.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe yize bekhathaze­kile ngezinsolo ezibekwayo, abakwazi ukukhuluma izindaba ezithinta ukunakekel­wa kweziguli nomunye umuntu okubalwa kubo abezindaba.

“Umnyango sewucele umbiko esibhedlel­a ukuze uthole ngokunakek­elwa kwaso bese kucutshung­ulwa ngaphakath­i, ngaphandle kokudalula isiguli.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa