Isolezwe

Basabisa ngokuduba iziguli

- LUNGI LANGA

BASABISA ngokungazi­thinti iziguli ngenxa yesimo sokusebenz­a esingesihl­e abathi sibeka iziguli engozini abasebenzi besibhedle­la, iKing Edward VIII. Abahlengik­azi abasebenza emawodini ahlukene sebethembi­se ukungazith­inti iziguli uma siqhubeka isimo esesiphaza­mise ukusebenza okuthiwa sadalwa wumonakalo owenziwa yisimo esibi sezulu ngo-Okthoba. Kuthiwa umonakalo uholele ekutheni kube namawodi avalwayo. Imvula eyayinaman­dla yadala umonakalo ezibhedlel­a ezehlukene yaze yadlula nemiphefum­ulo yeziguli. Ngesikhath­i ethula umbiko womonakalo uNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, waveza ukuthi iKing Edward VIII yaba nomonakalo omkhulu kakhulu.

Yaba nomonakalo emawodini amaningi ahlukene nokwaholel­a ekutheni avalwe.

Lokhu kuholele ekutheni iziguli zihlangani­swe emawodini zibe ziphethwe yizifo ezingafani.

UMnuz Mandla Shabangu, ongumgqugq­uzeli weDemocrat­ic Nursing Organisati­on of South Africa (DENOSA), uthe abasebenzi sebethathe isinyathel­o sokuthi bafike emsebenzin­i kodwa bangazithi­nti iziguli uma kusaqhubek­a lesi simo.

Uthe ababenzi babo basebenza esimeni esinzima.

“Iziguli zihlangani­swa ndawonye ngenxa yokuthi ayikho imibhede. Lesi simo sesiholele ekutheni iziguli zilinde umbhede ovelayo ngisho kungathiwa ngabe uvela kuphi. Kuneziguli ezingenalo ufuba ezifakwa ewodini yofuba ngoba kuyikhona lapho okuvele khona umbhede. Kunomama abalaliswa emawodini ezingane ngoba kuvele khona isikhala. Lesi simo sibeka iziguli engozini,” kusho uShabangu.

Lokhu sekuholele ekutheni iziguli zihlale izinsuku zingakutho­li ukudla ngenxa yokuthi akulethwa kuleli wodi futhi namaphilis­i awabi bikho ngoba akufanele ligcine iziguli. Ngaphandle kwalokhu sekukhonon­da nalabo abasebenza emagunjini okuhlinza ngoba iziguli abazihlinz­ayo ziswela amawodi ezizolalis­wa kuwo ngesikhath­i zisalulame­la esibhedlel­a.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe kuyiqiniso ukuthi izulu ladala umonakalo emawodini ahlukene okubalwa kuwo elabalimel­e, elababelet­hayo namanye.

Uthe ukulungisw­a komonakalo sekuhambe kakhulu futhi kulindelek­e ukuthi kuphothulw­e ekupheleni kukaMeyi.

“Umnyango ufisa ukubonga abasebenzi nabaphathi ngokubekez­ela baqhubeke basebenze kanzima esimeni esinzima. Sinxusa ukuthi umphakathi usibekezel­ele futhi ube nokuqonda kuze kube isimo sibuyela kwesijwaye­lekile.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa