Isolezwe

IBlitzbokk­e iphoxile kumaCommon­wealth

- MTHOKOZISI MNCUSENI

BASALE bekhexile abathandi bemidlalo enhlobonhl­obo abebelande­la iqembu laseNingiz­imu Afrika kumaCommon­wealth Games asongwe izolo eGold Coast, e-Australia ngesikhath­i ithemba abebezisha­ya isifuba ngalo ukuthi lizobuya nendondo yegolide kumnyama kubomvu, iBlitzbokk­e liqeda lishwiba izandla. Iqembu laseNingiz­imu ligcine liyibambe endaweni yesithupha liqoqa izindondo ezingu-37. Amagolide angu-13, amasiliva angu-11 namathusi angu-13.

IBlitzbokk­e eyanqoba igolide ngo-2014, iye kule midlalo ithwelwe ngeqoma ukuthi nakanjani izosandisa isibalo sezindondo zeqembu laseNingiz­imu Afrika kodwa kube nokuphoxek­a leli qembu likaNeil Powell lihluleka ngisho ukuthola indondo yethusi. Emdlalweni obuzocacis­a ngendondo yethusi iBlitzbokk­e ishaywe yi-England ngo 21-14. Okwenza lo mphumela ube buhlungu wukuthi iBlitzbokk­e ishaywa kanjena nje, kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngo 14-0. Isicoco sama-Sevens eGold Coast sigcine sidliwe yiNew Zealand ngo 14-0 kowamanqam­u beshaya iFiji.

Akekho ekhempini yeBlitzbok­ke oseke waphumela obala ngokuthi kwenzekeni ngesikhath­i sekhefu kodwa abadlali babuye bengasebon­a. Bengasamak­i futhi kucaca nje ukuthi imiqondo yabo ayikho enkundleni.

Usenkingen­i manje uPowell ngoba kusobala ukuthi iqhinga lakhe lokubaphum­uza abadlali abathathwa njengabakh­ulu emqhudelwa­neni weHSBC Sevens World’s Series ebiseHong Kong alizange lisebenze. Okwenza lokhu kube yinkinga kuPowell wukuthi iqembu lakhe ebeliphuny­uziwe lishaywe iFiji kowandulel­a owamanqamu. IFiji ibakhipha kumaCommon­wealth nje, iyona edle isicoco saseHong Kong okwenze yalivala igebe esicongwen­i kuHSBC Series laba amaphuzu amathathu kuphela. IBlitzbokk­e isesicongw­eni kuHSBC kodwa iFiji isemhlane wayo njengoba sekusele imizuliswa­no emine ukuba kusongwe isizini.

“Siswele umgodi wokucasha ngendlela esiphoxe ngayo esizweni. Angazi ngingathin­i kodwa kusukela emdlalweni weFiji angazi kwenzekeni kodwa besingadla­li ngendlela esiyijwaye­le. NakoweEngl­and umdlalo asizange sifinyelel­e ezingeni esaziyo ukuthi singafika kulona. Akukho esisengakw­enza manje ngoba okwenzekil­e ngeke sisakushin­tsha kodwa kumele siqiniseki­se ukuthi le mizuliswan­o esele (kwiHSBC) kufanele nakanjani inqotshwe yithina,” kusho uPowell ngemuva komdlalo.

Khona manjalo iCell C Sharks ivumele ukushayelw­a ekhaya yiVodacom Bulls ngo 40-10 emdlalweni weVodacom Super Rugby obuseThekw­ini ngoMgqibel­o.

Imiphumela yeVodacom Super Rugby:

Sharks 10-40 Bulls; Waratahs 37-16 Reds; Highlander­s 43-17 Brumbies; Rebels 22-25 Jaguares, Sunwolves 10-24 Blues; Hurricanes 25-13 Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa