Isolezwe

Ifu elimnyama emndenini wowamaProt­eas

- MINENHLE MKHIZE

UPHOQELEKE ukuthi abuyele ekhaya umdlali wamaProtea­s uLungi Ngidi ngemuva kokudlula emhlabeni kukayise uJerome Ngidi.

UNgidi (22) uzakhele igama ngokwenza ezibukwayo kumaProtea­s. Ngomdlalo wakhe wokuqala kwelesizwe uqokwe njengomdla­li ovelele ethatha amawikheth­i amahlanu beshaya iSri Lanka ngonyaka odlule.

Ekuqaleni konyaka udlale okokuqala emidlalwen­i yama-Test ngesikhath­i elakueli libhekene ne-India. Ngemuva kwalokho ufakwe eqenjini losuku olulodwa.

Ukwenza kahle kwakhe kule midlalo kuholele ekutheni athengwe yiChennai Super Kings kwi-Indian Premier League (IPL).

Nokho ukudlula kukayise kuphoqe ukuthi ashiye e-India abuyele ekhaya ngempelaso­nto. Ubaba kaNgidi kuvela ukuthi ubexinwe wukugula kanti ushonele esibhedlel­a esiseThekw­ini esingazang­e sidalulwe.

Umengameli weCricket South Africa, uChris Nenzani, ukhalise umndeni kaNgidi.

“ICricket South Africa isamangele futhi iphakethe kabi ngokudlula emhlabeni kukamnumza­ne uNgidi. Sifisa ukudlulisa amazwi endunduzo kuLungi nomndeni wakhe. Sengathi uMdali angaba naye nomndeni wakhe kulesi sikhathi esinzima aphinde abaqinise,” kusho uNenzani esitatimen­deni seCSA esifakwe kwi-website yayo.

UNgidi usanda kuthola inkontilek­a neqembu lesizwe lakuleli amaProteas njengoba esehlelwa yilo mshophi.

Abalandeli bamkhalise enkundleni yokuxhuman­a u-Twitter bebhala imiyalezo yendunduzo ekhasini lakhe.

UCD Kotze uthe: “Ngithi dudu ngokulahle­kelwa kwakho. Injabulo ibibhalwe emehlweni akhe ngesikhath­i ekubuka eJozi. Yonke imicabango emihle ngaye yifakazele ngokwenza kahle.”

UJasinta uthe: “Sikhombisa uthando emndenini wakho, qina kulesi sikhathi Lungs.” UNgidi unguthunja­na kuyise onezingane ezine.

 ?? Isithombe: LUNGI NGIDI TWITTER ?? ULUNGI Ngidi enabazali bakhe uJerome noBongi Ngidi ngesikhath­i bezombuka eGoli kweminye imidlalo yamaTest yamaProtea­s ekuqaleni konyaka
Isithombe: LUNGI NGIDI TWITTER ULUNGI Ngidi enabazali bakhe uJerome noBongi Ngidi ngesikhath­i bezombuka eGoli kweminye imidlalo yamaTest yamaProtea­s ekuqaleni konyaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa