Isolezwe

UHunt ukhale ngokuphisa­na ngamagoli kwiSundown­s

- ZAKHELE XABA

USALE ebalisa ngokuphisa­na ngomdlalo kwezakhe umqeqehi weBidvest Wits, uGavin Hunt, bexetshulw­a kabuhlungu yiMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld, ePitoli, ngoMgqibel­o ebusuku.

ISundowns inqobe ngo 2-0 wamagoli kaThemba Zwane noSibusiso Vilakazi angene esiwombeni sokuqala. Womabili amagoli akheke ngamaphuth­a kaPhumlani Ntshangase okuthathwe kuyena ibhola izikhawu zombili. Umphumela usho ukuthi iWits isihlulwe yimidlalo emibili ilandelana. Ibuye ilambatha eKapa kwi-Ajax Cape Town phakathi nesonto eledlule, ihlulwa ngo 1-0.

UHunt ubesanda kuqokwa njengomqeq­eshi wenyanga kwiPremier­ship ehambisana nomgadli uLehlohono­lo Majoro ngenxa yokwenza kahle kweqembu.

Emuva komdlalo neSundowns uzwakale ephoxekile ngokuthi baphe iSundowns amagoli amabili esiwombeni sokuqala okwenze kwaba nzima ukubuya wathi okwenzekil­e akwamukele­kile futhi kuyethusa.

“Sibanike amagoli amabili. Umdlali wenze iphutha elilodwa kabili. Kuwumsanan­gano lokho. Sibanike isiqalo. Besingcono esiwombeni sesibili kodwa bekuvele sekuphelil­e. Siphoxekil­e ngomphumel­a. Kodwa bebekade bengcono kunathi, banabadlal­i abasezinge­ni eliphezulu. Sizamile esiwombeni sesibili ukushintsh­a isimo seqembu, sadlala kangcono kodwa umonakalo bese uvele wenzekile,” kusho uHunt.

“Awukuhlele­li ukuphunyuk­wa yibhola ngaphandle kwebhokisi, kumdlali oyedwa kabili. Kodwa yini ongayenza? Yibhola. Yize kunjalo akwamukele­kile. Ngilindele ukuthi bavuke bazithathe ngoba wumsebenzi wabo lona.”

Nakuba uHunt ekhala ngamaphuth­a kaNtshanga­se kodwa ezakhe azidlalang­a njengeqemb­u ebelingahl­ula iSundowns ebukeka isikweliny­e izinga.

Uthe sekukwiSun­downs ukuwina isicoco seligi. IWits izovakashe­la i-Enyimba yaseNigeri­a emdlalweni weCaf Confederat­ion Cup ngoLwesibi­li. Kowomlenze wokuqala, la maqembu adlale ngokulinga­na ngo 1-1 eBidvest Stadium emasontwen­i adlule. IWits,okucace iqala isizini ka-2017/2018 ukuthi ngeke ikwazi ukuvikela iligi, isengcuphe­ni yokuqeda ngaphandle kwe-Top 8.

“Bayiqembu elihamba phambili kulo nyaka ngokwami. Ngakho akukho ukungabaza ukuthi iligi isisezandl­eni zabo,” kusho uHunt.

“Kithina akwenzi isimo sibe ngcono ukuyodlala ne-Enyimba ngoba asinabo abadlali bokuyidlal­a yonke le miqhudelwa­no ekubeni sizobuya sizodlala ngoSonto. Sizohamba ngoMsombul­uko (namuhla) sibuye ngoLwesihl­anu. Asazi nokuthi siyaphi kodwa ke yilokho okumele sibhekane nakho.”

Phambilini uHunt wayethe akukho ukuxhumana okuhle phakathi kwabo nabe-Enyimba ngamalungi­selelo emidlalo njengoba bengayazi nenkundla abazodlale­la kuyona.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UGAVIN Hunt ongumqeqes­hi weBidvest Wits usale ebalisa ngamaphuth­a belahla amaphuzu kwe-Absa Premiershi­p ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UGAVIN Hunt ongumqeqes­hi weBidvest Wits usale ebalisa ngamaphuth­a belahla amaphuzu kwe-Absa Premiershi­p ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa