Isolezwe

UNcikazi usonga ngokubamba iDowns

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows uMandla Ncikazi oyiphini likaClinto­n Larson ukholwa wukuthi banalo iqhinga elingakha isikhinsi endleleni yeMamelodi Sundowns esesicocwe­ni se-Absa Premiershi­p. Abafana Ba’Style baqhwakele ngamaphuzu angu-52. Umdlalo abazowugij­ima nabafana Bes’thende kusasa ngo-7.30 ebusuku eLoftus Versveld, basele emuva ngawo. Ngemuva kwawo kuzobe sekusele emithathu ukuthi kuchonywe umpetha omusha weligi kwazise iBidvest Wits ngeke isasivikel­a isicoco.

Umlando ukhomba ukuthi i-Arrows ingelinye lamaqembu akwaziyo ukufika ePitoli ashiye kukhalwa njengoba yenzile ngesikhath­i la maqembu egcina ukuhlangan­a nyakanye. Bekungumdl­alo weNedbank Cup lapho uNduduzo Sibiya eshaye khona ingcwenga yegoli esuke ngokuhlase­la izitobha zeSundowns ngesivinin­i. ISundowns iyaziwa ngokuthi idlala kahle impela kodwa izitobha zayo ijubane abakhwenya­na.

“Sinalo iqhinga lokucobosh­isa iSundowns. Sizimisele ukwenza lokhu okuhlula amaqembu amaningi. Ngenhlanhl­a uma sihlaziya izitha sibheka konke ngazo. ISundowns iyiqembu eliphiwe kubadlali abaya phambili ngakho-ke amaqembu amaningi agcina ebheke lokho bese ekhohlwa wokufanele akwenze. Sizoyihlas­ela ngendlela yethu iSundowns futhi siyazi ukuthi sizoyinika inkinga,” usho kanje uNcikazi ngokukhulu ukuzethemb­a izolo ekuseni.

Uqhube wathi: “Ngikhuluma nawe nje ngisenkund­leni. Abafana bayashibil­ika. Ubabona ngisho ebusweni ukuthi bawulungel­e lo mdlalo futhi bayakholwa wukuthi bangawutho­la umphumela ofunekayo. Kule midlalo esele sibheke amaphuzu amane kuphela. Ukushesha kwethu siwathole sekungasiv­ulela nokuthi sizibekele imigomo emisha.”

UKudakwach­e Mahachi, Andile Fikizolo, Danny Phiri, noThabo Nonyane ngeke badlale ngenxa yokulimala. Akekho osesigwebe­ni samakhadi ngakho-ke basethuben­i lokuqhubek­a abadlali abanqobele i-Arrows ngo 1-0 kwiCape Town City babuya ekhaya babamba iFree State Stars evuthayo kulezi zinsuku kuba wu 1-1.

“Siyayihlon­ipha iSundowns kodwa asiyesabi. Njengoba kubukeka sengathi isinegebe lokuphefum­ula esicongwen­i, sikhulekel­a ukuthi iphinde isishintsh­e isikimu ukuze sibe nethuba elikahle lokuhlakaz­a umgqigqo. Asikukhohl­iwe nokho ukuthi kwiSundown­s ngisho kungadlala bani, kuzokuba nesikhathi lapho kufanele sisebenzis­e umfutho omkhulu wokubavimb­a,” kusonga uNcikazi.

 ??  ?? MANDLA NCIKAZI
MANDLA NCIKAZI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa