OweKings usenethemba ngama-play-off
UFUNA ukuqeda “idimoni” elihlasele ezakhe umqeqeshi weReal Kings, uSimo Dladla, eliphinde lalahla amaphuzu lidlala ngokulingana emdlalweni weNational First Division (NFD) ngempelasonto.
IKings ibuye sekuvalwe amehlo ngempelasonto idlala ngokulingana ngo 1-1 neTshakhuma eThohoyondou Stadium, eLimpopo.
Bekungumdlalo wesithathu ilandelana iKings idlala ngokulingana. Ibambane noBuntu Cape Town ngo 0-0 eKapa kwathi kusenjalo yadlala ngokulingana ngo 0-0 neMbombela United.
IKings isahlezi endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-41 emidlalweni engu27. Emidlalweni emithathu yokugcina izodlala ne-University of Pretoria neCape Town All Stars ekhaya bese ivakashela uMthatha Bucks.
“Inhloso yethu manje wukufinyelela emaphuzwini angu50. Ngicabanga ukuthi uma singafinyelela emaphuzwini angu-50 nakanjani sizongena kuma-play-off. Ithemba asikalilahli. Abadlali bami bazifakele ingcindezi engenasidingo kule midlalo eyedlule. Ingcindezi eza nokuhlala kule ndawo esikuyona kwi-log isiyazwela manje. Siyithimba labaqeqeshi nezikhulu zeqembu asibafakeli ingcindezi. Sesiyaxhamazela manje ikakhulukazi uma izinto zingahambi ngale ndlela esisuke sihlose ngayo,” kusho uDladla.
IKings yisizini yayo yesibili le igijima kwiNFD. Ifike kulesi sigaba ngesizini edlule ngemuva kokudla umhlanganiso kwi-ABC Motsepe League KwaZuluNatal (KZN).
“Ekuqaleni kwesizini senze into efanayo. Sifike sadlala ngokulingana inqwaba yemidlalo kodwa ngemuva kwalokho sakwazi ukuphaphama. Namanje nginethemba lokuthi sizophaphama kule midlalo emithathu yokugcina ngokuthi sinqobe yonke imidlalo yethu esele. Okuhle wukuthi emibili isekhaya kanti omunye sizowudlala noMthatha Bucks obukeka usugawulwe yizembe. Sifuna ukuya emdlalweni wokugcina sinamaphuzu angu-47 ngoba iBlack Leopards (esendaweni yesibili) neJomo Cosmos (esendaweni yesithathu) bazotholana phezulu emdlalweni wokugcina. Bobabili kumele baye emdlalweni wokugcina amaphuzu amathathu bewadinga ukuze sikwazi ukuba sethubeni lokungena kuma-play-off,” kusho uDladla.
Ngesizini edlule iBaroka FC iyona enqobe ama-play- off.
Khonamanjalo iRichards Bay FC ixoshe umqeqeshi uJean Luscuito obephikwa yimiphumela. Leli qembu lihleli endaweni yessibili ukusuka emsileni kwi-log ye-NFD. Imiphumela yemidlalo yeNFD: Highland Park 3-0 Umthatha Bucks; Tshakhuma 1-1 Kings; Mbombela United 0-2 Stellenbosch; Uthongathi 1-1 Ubuntu Cape Town; University of Pretoria 4-3 Cape Town All Stars; Richards Bay FC 1-2 Super Eagles; Witbank Spurs 2 - 0 Black Leopards; Royal Eagles 0 - 0 Jomo Cosmos.