AmaZulu aphunyukwe yithuba
atholwe yiqembu lasekhaya ngakho belu ukuxina iPirates ngejubane kodwa bawayeka abadlali abafana noKhenyeza noButholezwe Ncube. Ngesikhathi kubukeka sengathi AmaZulu azothola igoli lesibili, uMusa Nyatama wone umcimbi engqofela enethini i-free kick kaLuvuyo Memela. Ifree kick ibidalwe ngunozinti woSuthu, uSiyabonga Mbatha, ophumele ibhola kungafanele wadlalisa kabi uThembinkosi Lorch. Usindile unozinti ethola ikhadi eliphuzi ngoba ukube bekungomunye unondweba ubezozithola esewubuka nezihlwele umdlalo. Akazange abuye esiwombeni sesibili uLorch emuva kokukhumuka kwehlombe kade ebanga ibhola noMbongeni Gumede. Indawo yakhe ithathwe u-Augustine Mulenga.
Ngomzuzu ka-60 kube sengathi kukhona otshele abadlali zinhlangothi zombili ngoba Usuthu luqale lwakha amathuba amahle kodwa agcine engaphumelelanga ngoba luvimbana lodwa. Ngasezivakashini uMulenga ubekhombisa izimpawu zokuba yinkinga ngendlela abebonana ngayo nabadlali abafana noMemela, Thabo Qalinge (ongenele uMpho Makola) noJustin Shonga. UShonga ugezwe uMbatha ngomzuzu ka-74 kufanele abeke iBucs phambili. Kwadlula umzuzu owodwa uCele wayeka ebelizobeka iqembu lasekhaya ebuhleni. Ugcine elishayile elibeke phambili iPirates okokuqala emdlalweni uQalinge ngomzuzu ka-79. Ngemuva kokungena kwegoli iPirates ibisidlalela ukuqeda imizuzu ebisele nangempela kwahamba ngaleyo ndlela. Imiphumela ye-Absa Premiership: Chippa United 1-1 Ajax Cape Town; Baroka FC 0-2 Maritzburg United; Kaizer Chiefs 1-0 Platinum Stars; AmaZulu 1-2 Orlando Pirates; Cape Town City 0-0 SuperSport United; Mamelodi Sundowns 2-0 Bidvest Wits; Free State Stars 1-1 Bloemfontein Celtic.