Isolezwe

IDowns ifuna uJali ehlise iholo lakhe

- MINENHLE MKHIZE

IMAMELODI Sundowns ifuna ehlise iholo umdlali weBafana Bafana, u-Andile “Gattuso” Jali ohlela ukubuya kwi-Absa Premiershi­p ngesizini ezayo.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo osondelene noJali. Inkontilek­a kaJali neKV Oostende iyaphela ngoJuni.

“NgoLwesihl­anu olwedlule iSundowns ibe nezingxoxo nemenenja kaJali, uMike Makaab. UMakaab uyitshelil­e ukuthi uJali udinga malini ngenyanga ukuze asayine kwiSundown­s. Okwamanje izinhlango­thi zombili azivumelan­i. ISundowns ikhala ngokuthi uJali ufuna imali enkulu kakhulu. Ifuna ehlise iholo ngoba izimisele ngokumsayi­nisa,” kusho umthombo othembekil­e.

UJali ushiye i-Orlando Pirates ngo-2015 wajoyina i-Oostende. Kuleli qembu usefike waphenduka omunye wabadlali abamqoka. Okwamanje akadlali ngenxa yokuthi ulimele.

Amanye amaqembu okuvela ukuthi ayamfuna yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

“Okwamanje uMakaab usakhulume neSundowns kuphela. Yebo, iChiefs nePirates ike yafona ibuza ngesimo sakhe kodwa hhayi ukuthi sekube kwaba nezingxoxo noMakaab,” kusho umthombo.

ISundowns ibophele uHlompho Kekana, Lucky Mohomi noTiyani Mabunda endaweni edlalwa nguJali. “Yize uMakaab eke wathi akuqinisek­isiwe ukuthi uJali uzobuya kodwa maningi amathuba okuthi uzogcina ebuyile. Unengcinde­zi emndenini. Inkosikazi yakhe iyamcindez­a ukuthi abuye,” kusho umthombo. UMakaab weProSport Internatio­nal akazange atholakale ukuze aphawule. UThulani Thuswa, wezokuxhum­ana kwiSundown­s, uthe akanalo ulwazi ngendaba kaJali.

“Uma ethi uyabuya uthe uya kuphi? Mina anginalo ulwazi ngezingxox­o ezike zabakhona phakathi kwethu nemenenja kaJali.”

Ekupheleni kwesizini iSundowns izohlukana noKhama Billiat ofuna ukuyodlala phesheya kwezilwand­le. UBilliat unenqwaba yamaqembu afuna ukumsayini­sa.

 ??  ?? USWELE amazwi okuchaza umqeqeshi weqembu lakuleli leSevens Rugby uNeil Powell ngemuva kokushaya udaka kumaCommon­wealth Games Isithombe: BACKPAGEPI­X
USWELE amazwi okuchaza umqeqeshi weqembu lakuleli leSevens Rugby uNeil Powell ngemuva kokushaya udaka kumaCommon­wealth Games Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-ANDILE Jali okuvela ukuthi iMamelodi Sundowns isimcele ukuthi ehlise imali ayifunayo ukuze imsayinise
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ANDILE Jali okuvela ukuthi iMamelodi Sundowns isimcele ukuthi ehlise imali ayifunayo ukuze imsayinise
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa