IBlitzbokke iphoxile kumaCommonwealth

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MTHOKOZISI MNCUSENI

BASALE bekhexile abathandi bemidlalo enhlobonhlobo abebelandela iqembu laseNingizimu Afrika kumaCommonwealth Games asongwe izolo eGold Coast, e-Australia ngesikhathi ithemba abebezishaya isifuba ngalo ukuthi lizobuya nendondo yegolide kumnyama kubomvu, iBlitzbokke liqeda lishwiba izandla. Iqembu laseNingizimu ligcine liyibambe endaweni yesithupha liqoqa izindondo ezingu-37. Amagolide angu-13, amasiliva angu-11 namathusi angu-13.

IBlitzbokke eyanqoba igolide ngo-2014, iye kule midlalo ithwelwe ngeqoma ukuthi nakanjani izosandisa isibalo sezindondo zeqembu laseNingizimu Afrika kodwa kube nokuphoxeka leli qembu likaNeil Powell lihluleka ngisho ukuthola indondo yethusi. Emdlalweni obuzocacisa ngendondo yethusi iBlitzbokke ishaywe yi-England ngo 21-14. Okwenza lo mphumela ube buhlungu wukuthi iBlitzbokke ishaywa kanjena nje, kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngo 14-0. Isicoco sama-Sevens eGold Coast sigcine sidliwe yiNew Zealand ngo 14-0 kowamanqamu beshaya iFiji.

Akekho ekhempini yeBlitzbokke oseke waphumela obala ngokuthi kwenzekeni ngesikhathi sekhefu kodwa abadlali babuye bengasebona. Bengasamaki futhi kucaca nje ukuthi imiqondo yabo ayikho enkundleni.

Usenkingeni manje uPowell ngoba kusobala ukuthi iqhinga lakhe lokubaphumuza abadlali abathathwa njengabakhulu emqhudelwaneni weHSBC Sevens World’s Series ebiseHong Kong alizange lisebenze. Okwenza lokhu kube yinkinga kuPowell wukuthi iqembu lakhe ebeliphunyuziwe lishaywe iFiji kowandulela owamanqamu. IFiji ibakhipha kumaCommonwealth nje, iyona edle isicoco saseHong Kong okwenze yalivala igebe esicongweni kuHSBC Series laba amaphuzu amathathu kuphela. IBlitzbokke isesicongweni kuHSBC kodwa iFiji isemhlane wayo njengoba sekusele imizuliswano emine ukuba kusongwe isizini.

“Siswele umgodi wokucasha ngendlela esiphoxe ngayo esizweni. Angazi ngingathini kodwa kusukela emdlalweni weFiji angazi kwenzekeni kodwa besingadlali ngendlela esiyijwayele. NakoweEngland umdlalo asizange sifinyelele ezingeni esaziyo ukuthi singafika kulona. Akukho esisengakwenza manje ngoba okwenzekile ngeke sisakushintsha kodwa kumele siqinisekise ukuthi le mizuliswano esele (kwiHSBC) kufanele nakanjani inqotshwe yithina,” kusho uPowell ngemuva komdlalo.

Khona manjalo iCell C Sharks ivumele ukushayelwa ekhaya yiVodacom Bulls ngo 40-10 emdlalweni weVodacom Super Rugby obuseThekwini ngoMgqibelo.

Imiphumela yeVodacom Super Rugby:

Sharks 10-40 Bulls; Waratahs 37-16 Reds; Highlanders 43-17 Brumbies; Rebels 22-25 Jaguares, Sunwolves 10-24 Blues; Hurricanes 25-13 Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.