Ifu elimnyama emndenini wowamaProteas

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

UPHOQELEKE ukuthi abuyele ekhaya umdlali wamaProteas uLungi Ngidi ngemuva kokudlula emhlabeni kukayise uJerome Ngidi.

UNgidi (22) uzakhele igama ngokwenza ezibukwayo kumaProteas. Ngomdlalo wakhe wokuqala kwelesizwe uqokwe njengomdlali ovelele ethatha amawikhethi amahlanu beshaya iSri Lanka ngonyaka odlule.

Ekuqaleni konyaka udlale okokuqala emidlalweni yama-Test ngesikhathi elakueli libhekene ne-India. Ngemuva kwalokho ufakwe eqenjini losuku olulodwa.

Ukwenza kahle kwakhe kule midlalo kuholele ekutheni athengwe yiChennai Super Kings kwi-Indian Premier League (IPL).

Nokho ukudlula kukayise kuphoqe ukuthi ashiye e-India abuyele ekhaya ngempelasonto. Ubaba kaNgidi kuvela ukuthi ubexinwe wukugula kanti ushonele esibhedlela esiseThekwini esingazange sidalulwe.

Umengameli weCricket South Africa, uChris Nenzani, ukhalise umndeni kaNgidi.

“ICricket South Africa isamangele futhi iphakethe kabi ngokudlula emhlabeni kukamnumzane uNgidi. Sifisa ukudlulisa amazwi endunduzo kuLungi nomndeni wakhe. Sengathi uMdali angaba naye nomndeni wakhe kulesi sikhathi esinzima aphinde abaqinise,” kusho uNenzani esitatimendeni seCSA esifakwe kwi-website yayo.

UNgidi usanda kuthola inkontileka neqembu lesizwe lakuleli amaProteas njengoba esehlelwa yilo mshophi.

Abalandeli bamkhalise enkundleni yokuxhumana u-Twitter bebhala imiyalezo yendunduzo ekhasini lakhe.

UCD Kotze uthe: “Ngithi dudu ngokulahlekelwa kwakho. Injabulo ibibhalwe emehlweni akhe ngesikhathi ekubuka eJozi. Yonke imicabango emihle ngaye yifakazele ngokwenza kahle.”

UJasinta uthe: “Sikhombisa uthando emndenini wakho, qina kulesi sikhathi Lungs.” UNgidi unguthunjana kuyise onezingane ezine.

Isithombe: LUNGI NGIDI TWITTER

ULUNGI Ngidi enabazali bakhe uJerome noBongi Ngidi ngesikhathi bezombuka eGoli kweminye imidlalo yamaTest yamaProteas ekuqaleni konyaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.