Isolezwe

IDowns izibekisel­e indawo kwiCAF okwesine

- ZAKHELE XABA

ISUNDOWNS ibe yiqembu lokuqala kwiPremier Soccer League ukuzibekis­ela indawo kwiCAF Champions League kane emuva kokwehlula iBidvest Wits ngo 2-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p obuseLoftu­s Stadium, ePitoli, ngempelaso­nto.

Amagoli eSundowns, avule igebe lamaphuzu ayisithuph­a phakathi kwayo ne-Orlando Pirates embangweni weligi, ashaywe nguThemba Zwane noSibusiso Vilakazi esiwombeni sokuqala.

UMosimane uthe ukungena kwiChampio­ns League yangonyaka ozayo ngeminye yemibandel­a abebezibek­ele yona kule sizini. Iqembu selidlale kathathu kulo mqhudelwan­o liholwa nguMosiman­e. Liwunqobil­e ngo-2016, laphuma kuma-quarterfin­al ngo-2017, kulokhu selidlala kweyamaqoq­o.

ISundowns noma ingaphazan­yiswa yiPirates ekuwineni iligi kodwa ingaqeda endaweni yesibili, ithole indawo kwiChampio­ns League.

“Le wini ibikade ibaluleke kakhulu kithina. Inkulu kimina naseqenjin­i ngoba isinika ithuba lokuyodlal­a kwiChampio­ns League okwesine kulandelan­a. Kuyinto enkulu futhi yilowo umbandela ebesinawo futhi sesiwufezi­le. Ngaphandle kwalokho isinika ukuzethemb­a kwi-log ukuthi siqhubeke nethuba lokudonsa umoya. Bekukade kuwumdlalo obalulekil­e ukuthi sithole intuba yokuphefum­ula,” kusho uMosimane.

“Kodwa ngokweziba­lo igebe lisenganci­pha. Ngiyabona abantu bayabhiyoz­a kodwa thina baqeqeshi kufanele sehlise umoya. Iligi ayikacaci okwamanje. Ngokweziba­lo sidinga amaphuzu ayisikhomb­isa. Sithemba ukuthi iligi ingacaca ingakaphel­i imidlalo, kungaba mnandi ukufaka ingcindezi kwiPirates ngoba yenza okufanayo iphefumule­la entanyeni yethu. Izinga lebhola liyafana neleJuvent­us neNapoli.”

ISundowns izothola ithuba lokuphinde icindeze iPirates uma isibhekene neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni weligi eLoftus kusasa ngo-7.30 ebusuku. Ngesizini edlule iSundowns iphunyukwe yiligi emidlalwen­i yokugcina, isicoco sagcina sithathwe yiWits.

“Ngesizini edlule ngalesi sikhathi besidlala ngokulinga­na. Emidlalwen­i eyisithuph­a sidlale ngokulinga­na kwemine, sawina emibili. Asikwazang­a ukuwina iligi ngokuwina imidlalo emibili. Namuhla kwenzeke okuhlu kakhulu. Ngiyakutha­nda okushiwo ngabadlali bami. Bathi sifundile ngamaphuth­a anyekenye, ngeke siwaphinde,” kusho uMosimane.

“Umdlalo wethu ne-Arrows usondele kakhulu. Angiwuthan­di lo mdlalo. UThapelo (Morena), Villa (Sibusiso Vilakazi) noKhama (Billiat) balimele.Uyabona ukuthi kwenzekani. Kufanele senze noma yini ukuze siwine. Akukho ukudlala ibhola elihle, lokho sizokubona ngonyaka ozayo.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBONGI Ntuli wePlatinum Stars evinjwa wuPhilani Zulu weKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBONGI Ntuli wePlatinum Stars evinjwa wuPhilani Zulu weKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium izolo ntambama
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHEMBA Zwane noSibusiso Vikalazi okuyibona abashaye amagoli ngesikhath­i iMamelodi Sundowns ihlula iBidvest Wits kowe-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHEMBA Zwane noSibusiso Vikalazi okuyibona abashaye amagoli ngesikhath­i iMamelodi Sundowns ihlula iBidvest Wits kowe-Absa Premiershi­p eLoftus Stadium ngempelaso­nto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa