IChiefs ibuyise isithunzi ingcwaba iPlatinum Stars
IKAIZER Chiefs ishovele kwalasha iPlatinum Stars ivuka ngayo emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, eNasrec, izolo ntambama.
Igoli leChiefs lishaywe nguHendrick Ekstein esiwombeni sesibili.
Amakhosi abekade enengcindezi yokubuyisa isithunzi emuva kokuthelwa ngehlazo lika 3-0 yiChippa United emdlalweni weligi ngesonto eledlule nokuphethe ngokuthi abalandeli bajikijele enkundleni befuna kuhambe umqeqeshi uSteve Komphela. Izolo, ngesikhathi sekhefu abalandeli bamhhahhamezile uKomphela.
Ngesikhathi kungena abadlali beCihiefs, abalandeli abebengafikile ngisho ku-2000, abazange bashaye izandla njengenjwayelo. Ngisho sebebingelela, bephakamisa uphawu lwaMakhosi kube sengathi kufiwe. IChiefs sekuphelile ngayo ngesicoco seligi ngoba ngisho isingayiwina yonke imidlalo akukho esengakwenza. IMamelodi Sundowns ikuqinisekisile lokhu ngesikhathi iwina kwikwiBidvest Wits ngoMgqibelo.
IDikwena ibikade inengcindezi yokuqoqa amaphuzu amathathu ukuze izame ukusuka emsileni we-log yePremiership. Ukuhlulwa yiChiefs kuyidonsele kwalasha ngoba sekudingeka iyiwine yomithathu imidlalo eyisalele. Ihlukaniswe ngamaphuzu ayisikhombisa ne-Ajax Cape Town esendaweni ka-15. I-Urban Warriors ithole iphuzu kwiChippa United emdlalweni ophele ngo 1-1 izolo ntambama. Phezu kokuba bekubukeka sengathi iDikwena izoxebuka emsileni ngemuva kokuboleka abadlali okukhona kubona u-Ayanda Gcaba noRiyaad Norodien be-Orlando Pirates kodwa izolo kucacile ukuthi kuncane engakwenza ukuhlenga umkhumbi ozikayo.
Emdlalweni wayizolo, iyona eqale ihlasela. Nokho iChiefs ikhombise ukuba yingozi ngesikhathi ihlasela okokuqala kodwa uPhilani Zulu washaya ibhola laphuma phezu kwepali. Amakhosi aqhubekile nokuhlasela kodwa ehluleka ukwakha amathuba acacile. Unozinti weChiefs, u-Itumeleng Khune, ubekade ezipholele esiwombeni sokuqala.
Esiwombeni sesibili, iChiefs ibuye yaqhubeka nokuhlasela. Isheshe yazuza ngesikhathi u-Ekstein eqobela phakathi ibhola ebelikade ligotshwe nguJoseph Molangoana ngomzuzu ka-49. Amakhosi aqhubekile nokuhlasela kodwa ehluleka ukusebenzisa amathuba.IDikwena izamile ukubuya ngemizuzu yokugcina kodwa iChiefs yabambelela.