UHunt ukhale ngokuphisana ngamagoli kwiSundowns
USALE ebalisa ngokuphisana ngomdlalo kwezakhe umqeqehi weBidvest Wits, uGavin Hunt, bexetshulwa kabuhlungu yiMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiership eLoftus Versfeld, ePitoli, ngoMgqibelo ebusuku.
ISundowns inqobe ngo 2-0 wamagoli kaThemba Zwane noSibusiso Vilakazi angene esiwombeni sokuqala. Womabili amagoli akheke ngamaphutha kaPhumlani Ntshangase okuthathwe kuyena ibhola izikhawu zombili. Umphumela usho ukuthi iWits isihlulwe yimidlalo emibili ilandelana. Ibuye ilambatha eKapa kwi-Ajax Cape Town phakathi nesonto eledlule, ihlulwa ngo 1-0.
UHunt ubesanda kuqokwa njengomqeqeshi wenyanga kwiPremiership ehambisana nomgadli uLehlohonolo Majoro ngenxa yokwenza kahle kweqembu.
Emuva komdlalo neSundowns uzwakale ephoxekile ngokuthi baphe iSundowns amagoli amabili esiwombeni sokuqala okwenze kwaba nzima ukubuya wathi okwenzekile akwamukelekile futhi kuyethusa.
“Sibanike amagoli amabili. Umdlali wenze iphutha elilodwa kabili. Kuwumsanangano lokho. Sibanike isiqalo. Besingcono esiwombeni sesibili kodwa bekuvele sekuphelile. Siphoxekile ngomphumela. Kodwa bebekade bengcono kunathi, banabadlali abasezingeni eliphezulu. Sizamile esiwombeni sesibili ukushintsha isimo seqembu, sadlala kangcono kodwa umonakalo bese uvele wenzekile,” kusho uHunt.
“Awukuhleleli ukuphunyukwa yibhola ngaphandle kwebhokisi, kumdlali oyedwa kabili. Kodwa yini ongayenza? Yibhola. Yize kunjalo akwamukelekile. Ngilindele ukuthi bavuke bazithathe ngoba wumsebenzi wabo lona.”
Nakuba uHunt ekhala ngamaphutha kaNtshangase kodwa ezakhe azidlalanga njengeqembu ebelingahlula iSundowns ebukeka isikwelinye izinga.
Uthe sekukwiSundowns ukuwina isicoco seligi. IWits izovakashela i-Enyimba yaseNigeria emdlalweni weCaf Confederation Cup ngoLwesibili. Kowomlenze wokuqala, la maqembu adlale ngokulingana ngo 1-1 eBidvest Stadium emasontweni adlule. IWits,okucace iqala isizini ka-2017/2018 ukuthi ngeke ikwazi ukuvikela iligi, isengcupheni yokuqeda ngaphandle kwe-Top 8.
“Bayiqembu elihamba phambili kulo nyaka ngokwami. Ngakho akukho ukungabaza ukuthi iligi isisezandleni zabo,” kusho uHunt.
“Kithina akwenzi isimo sibe ngcono ukuyodlala ne-Enyimba ngoba asinabo abadlali bokuyidlala yonke le miqhudelwano ekubeni sizobuya sizodlala ngoSonto. Sizohamba ngoMsombuluko (namuhla) sibuye ngoLwesihlanu. Asazi nokuthi siyaphi kodwa ke yilokho okumele sibhekane nakho.”
Phambilini uHunt wayethe akukho ukuxhumana okuhle phakathi kwabo nabe-Enyimba ngamalungiselelo emidlalo njengoba bengayazi nenkundla abazodlalela kuyona.