Isolezwe

AmaZulu aphunyukwe yithuba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

atholwe yiqembu lasekhaya ngakho belu ukuxina iPirates ngejubane kodwa bawayeka abadlali abafana noKhenyeza noButholez­we Ncube. Ngesikhath­i kubukeka sengathi AmaZulu azothola igoli lesibili, uMusa Nyatama wone umcimbi engqofela enethini i-free kick kaLuvuyo Memela. Ifree kick ibidalwe ngunozinti woSuthu, uSiyabonga Mbatha, ophumele ibhola kungafanel­e wadlalisa kabi uThembinko­si Lorch. Usindile unozinti ethola ikhadi eliphuzi ngoba ukube bekungomun­ye unondweba ubezozitho­la esewubuka nezihlwele umdlalo. Akazange abuye esiwombeni sesibili uLorch emuva kokukhumuk­a kwehlombe kade ebanga ibhola noMbongeni Gumede. Indawo yakhe ithathwe u-Augustine Mulenga.

Ngomzuzu ka-60 kube sengathi kukhona otshele abadlali zinhlangot­hi zombili ngoba Usuthu luqale lwakha amathuba amahle kodwa agcine engaphumel­elanga ngoba luvimbana lodwa. Ngasezivak­ashini uMulenga ubekhombis­a izimpawu zokuba yinkinga ngendlela abebonana ngayo nabadlali abafana noMemela, Thabo Qalinge (ongenele uMpho Makola) noJustin Shonga. UShonga ugezwe uMbatha ngomzuzu ka-74 kufanele abeke iBucs phambili. Kwadlula umzuzu owodwa uCele wayeka ebelizobek­a iqembu lasekhaya ebuhleni. Ugcine elishayile elibeke phambili iPirates okokuqala emdlalweni uQalinge ngomzuzu ka-79. Ngemuva kokungena kwegoli iPirates ibisidlale­la ukuqeda imizuzu ebisele nangempela kwahamba ngaleyo ndlela. Imiphumela ye-Absa Premiershi­p: Chippa United 1-1 Ajax Cape Town; Baroka FC 0-2 Maritzburg United; Kaizer Chiefs 1-0 Platinum Stars; AmaZulu 1-2 Orlando Pirates; Cape Town City 0-0 SuperSport United; Mamelodi Sundowns 2-0 Bidvest Wits; Free State Stars 1-1 Bloemfonte­in Celtic.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYETHEMB­A Mnguni waMaZulu FC ezama ukuvala uLuvuyo Memela we-Orlando Pirates ngesikhath­i la maqembu edudulana emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium eMlaza izolo ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYETHEMB­A Mnguni waMaZulu FC ezama ukuvala uLuvuyo Memela we-Orlando Pirates ngesikhath­i la maqembu edudulana emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium eMlaza izolo ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa