Isolezwe

Kusamile ukufunda kwelicija ngamakhono

- ZANELE MTHETHWA

KUSAMILE ukufunda ekolishi eliqeqesha ngamakhono eGroutvill­e emuva kokuba sekuphele izinsuku izitshuden­i zilala emakilasin­i ngoba zingakhokh­elwe imali yokuqasha izindawo zokuhlala. Izitshuden­i zize zakhishwa ngamaphoyi­sa ekolishi ngoLwesihl­anu.

Izitshuden­i zaseMfoloz­i TVET College zicasulwe wukuthi sezibekeze­le isikhathi eside zingayitho­li imali yokukhokhe­la izindawo zokuhlala ekhishwa yisikhwama iNational Students Financial Aid Scheme (Nsfas). Isolezwe lithole ukuthi ngoMsombul­uko odlule bafike emakilasin­i nezimpahla nezingubo zokulala ngoba abanye sebexoshiw­e emiqashwen­i abebehlala kuyo ngenxa yokungakho­khi. Ukulala kwabo emakilasin­i kuphazamis­e nokufunda njengoba kuthiwa othisha bagcine bengasafik­i yavalwa ikolishi.

Okhulumela isigungu sezitshude­ni, uMbali Nxumalo, uthe bagcina ukufunda ngoMsombul­uko odlule.

“Izitshuden­i bezilokhu zibekezele kodwa inkinga iqale sezixoshwa ezindaweni zokuhlala ebeziqashe kuzona. Inselelo enkulu wukuthi zihlala ezindaweni ezikude futhi zizidinga ngempela izindawo zokuhlala. Kumanje ezinye zimpintshi­swe abanezinda­wo zokuhlala, ezinye zaphindela emakhaya,” kusho yena.

Uthe izitshuden­i azihlangen­e nokuphazam­iseka kokufunda ngoba ukulala kwazo bekungapha­zamisi. Uveze ukuthi bamangele uma othisha nabahlanza amakilasi bengasafik­i. Bagcina ukulala ngoLwesihl­anu emuva kokukhishw­a ngamaphoyi­sa. Kuthiwa le nkinga isiphazami­se nezitshude­ni ezifunda ngasese njengoba othisha bengasafun­disi. Zilinganis­elwa ku-80 izitshuden­i okuthiwa zithinteki­le kulolu daba.

UMnuz Sam Zungu, ophethe wonke amakhempas­i eMfolozi, uthe kuzocaca ngoLwesith­athu ukuthi sizovulwa nini isikhungo. Uphikile ukuthi izitshuden­i ziqale ukulala emakilasin­i ngoMsombul­uko wathi ziqale ngoLwesith­athu.

“Okumele sikucacise wukuthi asikwazi ukulawula uhlelo lokukhipha imali yezitshude­ni kwaNsfas. Izitshuden­i zizifakela izicelo ngqo kwaNsfas thina sithole uhla lwabazoxha­swa emuva kwesikhath­i. Inkinga iqale ngokuthi kufike uhla lwamagama abazoxhasw­a uNsfas ngesikhath­i izitshuden­i zisemaholi­dini ePhasika ngoEphreli 4. Bekumele ziqale ukufunda ngoMsombul­uko odlule, ngenxa yokuhlulek­a ukubekezel­a zacasuka. Besisalind­ele ukuhlaziya uhla bese siluphindi­sela kwaNsfas ukuqinisek­isa abazoxhasw­a,” kusho uZungu.

Ekhuluma nephephand­aba uMnuz Kagisho Mamabolo okhulumela abakwaNsfa­s uthe ziyaqhubek­a izinhlelo zokuqinise­kisa izitshuden­i ezizoxhasw­a bacela zibekezele.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INGXENYE yezitshude­ni zesikhungo esicija ngamakhono, iMfolozi eGroutvill­e, ezilale emakilasin­i zicasulwa ukulinda imali yokukhokhe­la izindawo zokuhlala
Isithombe: SITHUNYELW­E INGXENYE yezitshude­ni zesikhungo esicija ngamakhono, iMfolozi eGroutvill­e, ezilale emakilasin­i zicasulwa ukulinda imali yokukhokhe­la izindawo zokuhlala
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa