UDe Sa akayingeni eyokuncika kwabanye
UMQEQESHI wePlatinum Stars akafuni bahlale phansi bangenzi lutho, bathandazele ukuthi i-Ajax Cape Town ilahlwe yicala lokudlalisa umgadli uTendai Ndoro obelukade selidlulele kwiFifa.
I-Ajax ingase iphucwe amaphuzu uma ilahlwa yicala lokudlalisa uNdoro.
Ngokomthetho weFifa, umdlali akavumelekile ukudlalela amaqembu amathathu ngesizini eyodwa.
Ngesonto eledlule ikomiti leFifa, iFifa Players’ Status Committee, linqume ukuthi udaba lukaNdoro luxazululwe lapha eMzansi.
Kule sizini uNdoro udlalele i-Orlando Pirates, Al Faisaly ne-Ajax. Nokho i-Ajax yanikwa imvume yokumdlalisa yisigungu esiqondisa izigwegwe sePremier Soccer League (PSL), iDispute Resolution Chamber (DRC). Ngokuhamba kwesikhathi iPSL isiphikisile isinqumo sesigungu sayo.
Uma i-Ajax, esendaweni ka-15 kwi-log idlelwa amaphuzu, kungaholela ekutheni igawulwe yizembe, kusinde iDikwena esemsileni kumanje.
IStars ihlulwe yiKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium ngeSonto ntambama nokwenze igebe libe ngamaphuzu ayisikhombisa phakathi kwayo ne-Ajax.
“Ngicabanga ukuthi isimo se-Ajax siphambi kwethu, noma ngabe sizama kanjani ukusiziba kodwa ihlala isezindabeni. Yinto mina neqembu lami esingakwazi ukuyilawula, ingaphezu kwethu. Angizange ngiyibhale imithetho, akumina futhi owayibhala futhi angazi ukuthi kuzogcinaphi,”kusho uDe Sa.
“Okwamanje kufanele sigxilise imiqondo yethu kokwenzeka enkundleni, siwine imidlalo. Okwenzekayo kuzokwenzeka, ngeke sibambe umoya ngoba kungenzeka noma yini.”
IStars sekufanele iwine yomithathu imidlalo eyisalele ukuze ibe sethubeni lokuvika izembe.
“Besidlala ekuhambeni neKaizer Chiefs ebesiyazi ukuthi izoza kithina. Baqale ngesikimu esihlaselayo. Sidlalise isikimu esingcono esinaso, abadlali abakhona nokuyibona abebesho ukuyiqeda iPolokwane City. Sinabo abanye abalimele abangakwazanga ukuhamba neqembu,” kusho uDe Sa.
“Siyasazi isimo esikuso. Besisazi ngaphambi kokuthi ngijoyine iqembu. Ngijoyine ikilabhu isemsileni we-log nokuyilapho silokhu sihlezi khona. Besazi ukuthi kuzoba yimpi kodwa asikwazi ukuncika emiphumeleni yamanye amaqembu. Kufanele sithembele kithina nesingakwazi ukukwenza. Kithina wonke umdlalo uyithuba lokuwina. Uma kufika ekupheleni kwesizini sizobona