Owesifazane ubulawe phambi kwengane nomyeni ephucwa iselula
KUBULAWE owesifazane oneminyaka engu-21 phambi kwengane yakhe eneminyaka engaphansi kwemibili noyise ngesikhathi bebanjwa inkunzi eCottonlands, eVerulam, izolo.
Kuthiwa lona wesifazane nomyeni wakhe bebehamba ndawonye nengane yabo ngesikhathi bevinjwa abalisa ababili babaphuca amafoni.
UMnuz Prem Balram weReaction Unit South Africa (RUSA), uthe kufike umlisa obedlula ngemoto emgwaqweni owubhuqu okwenzeke kuwo lesi sigameko ezobika ngaso ngaphambi kwehora leshumi nambili emini izolo.
Uthe ngesikhathi bethola ngalesi sigameko ithimba labo lezimo eziphuthumayo liphume layobheka lihambisana namaphoyisa. Libe selifica umufi, ingane noyise wayo eduze kwensimi yomoba.
Abezimo eziphuthumayo bazamile ukusiza unina wengane kodwa washonela endaweni yesigameko. Ngokusho kukaBalram, ingane ebihleli phezu komzimba kanina ize yasuswa yithimba labo.
“Ngokusho komyeni walona wesifazane bebehamba ndawonye beya ekhaya e-BS Farm ngesikhathi kuqhamuka abalisa ababili bephuca lona wesifazane iselula. Uthe omunye wabasolwa ukhiphe ummese wagwaza unina wengane emhlane ngasesandleni sokudla wabaleka.” kusho uBarlam.
Izolo, uthe bazosebenzisa indiza enophephela emhlane ukuthungatha abasolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngenxa yalesi sigameko.
Unxuse noma ubani ongaba nolwazi ngokuhlaselwa nokubulawa kwalona wesifazane ukuthi athinte amaphoyisa esiteshini esiseduzane nabo noma athinte inombolo yokubika izigameko zobugebengu ku-08600 10111.