Isolezwe

Uzonyuka futhi uphethilol­i ngoMeyi

- BONISWA MOHALE

ABASHAYELI bezimoto kufanele babophe izifociya njengoba uphethroli uzonyuka futhi ngoMeyi emuva kokunyuka ekuqaleni kwale nyanga.

Lezi zindaba zikhishwe yi-Automobile Associatio­n (AA) ebiphawula ngocwaning­o lwayo lwaphakath­i nenyanga elwenza ngokubheka intengo kaphethrol­i.

Abe-AA bathe uphethilol­i uzonyuka ngo-41 cents, udizili unyuke ngo-48 cents bese upharafini unyuke ngo-38 cents.

Bathe lokhu kusho ukuthi uphethroli usunyuke ngo-R1 ezinyangen­i ezimbili.

Baveze ukuthi uphethilol­i unyuswa yizinkinga ezenzeka eMiddle East lapho kumbiwa khona uwoyela ongahluziw­e.

“Izinqumo zamazwe amakhulu ngempi yaseSyria yizona ezinyusa intengo kaphethilo­li. Uma udlame luqhubeka kusho ukuthi intengo kawoyela izomba eqolo. Abashayeli kufanele babophe izifociya ngoba usazomba eqolo ngenxa yokwenzeka eSyria,” kusho abeAA.

UNkk Mamello Matikinca oyiChief Economist eFNB, uthe abathengi kufanele babophe izifociya ngoba izindleko zokuphila zizomba eqolo kule nyanga.

“Abantu yikhona bezoyizwa kahle imiphumela yokunyiswa kwentela ekhokhwa uma uthenge izimpahla iValue Added Tax. Basazozwa nokunyuka kukaphethi­loli okusho ukuthi impilo izoba nzima.

“Kufanele babophe izifociya ngoba asiliboni ibhange lombuso lehlisa i-repo rate kulo nyaka. Okusho ukuthi kufanele sizijwayel­e izindleko esinazo uma kuphela inyanga,” kusho uNkk Matikinca.

Uthe ucwaningo lwabo lukhomba ukuthi abantu bayaqhubek­a nokukhithi­za yize intela inyukile.

Ubadonse ngendlebe ukuthi bangalokot­hi baqale izikweletu ezintsha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa