Uhlelo lokuvuselela amakhadi akwaSassa
BAZOVUSELELA amakhadi okuhola ezinyangeni ezimbalwa ezizayo abahola izibonelelo zikahulumeni njengoba inhlangano ebaholelayo iSouth African Social Security Agency (Sassa) imemezele ukuthi iqale uhlelo lokuvuselelwa kwamakhadi eWestern Cape.
Bangu-17 million abantu baseNingizimu Afrika abahola izibonelelo zikahulumeni.
ISassa isebenzisana nabaseposini kulolu hlelo lokuvuselelwa kwamakhadi okuhola izibonelelo zikahululeni.
UMnuz Vusi Mahaye obhekele ezokuxhumana kwaSassa KwaZulu-Natal, uthe izolo isikhulu esisabambile sakwaSassa, uNksz Pearl Bengu, sethule ngokusemthethweni uhlelo lokuvuselelwa kwamakhadi okuhola eWestern Cape.
“Amakhadi amasha azovuselelwa nakwezinye izifundazwe kodwa uhlelo lokuvuselela luseWestern Cape. Uma sekufanele kuvuselelwe awaKwaZuluNatal sizomemezela ukuthi abantu beze. Okwamanje asikakawavuseleli amakhadi okuhola KwaZuluNatal,” kusho uMahaye.
Uthe ngaphansi kwalolu hlelo olusha abakwaSassa bazokwenza isiqiniseko sokuthi imali iholwa ngabantu abafanele njengoba befaka izithupha zabo ukuze kutholakale amanyela eminwe yofanele ukuhola.
Isikhulu esibhekele ukusebenza kweposi eNingizimu Afrika, uNkk Lindiwe Kwele sithe KwaZulu-Natal uhlelo lokuvuselela amakhadi okuhola luzoqala ezindaweni zasemakhaya esibale kuzo iManguzi.
Sithe bakhethe ukuqala ezindaweni zasemakhaya ngoba zinengqalasizinda encane uma ziqhathaniswa nezasemadolobheni.
“Amakhadi amasha ngeke abe nezinkinga zokuthi kudonswe imali yabaholayo njengoba phambilini bebekhala ngokubanjelwa imali. Ngeke bakhokhe zindleko ezimba eqolo zokusebenzisa ibhange labo abazohola emabhange. Sifuna kushaye uSepthemba abantu sebenamakhadi amasha,” kusho uNksz Kwele.
UMahaye udonse ngendlebe abahola izibonelelo ukuthi bangalokothi balalele abantu ababakhohlisa ngokuthi abavuselele amakhadi ngoba wuSassa ozobasiza.
“Akekho umuntu esimjubile ukuthi avuselele amakhadi, uma sekuyisikhathi sokwenza lokhu sizowazisa umphakathi. Akekho umuntu okhokhelwayo ukuze kuvuselelwe ikhadi lokuhola,” kusho uMahaye.
UMahaye usho lokhu emuva kokuthi uNksz Mbali Ntuli (25), waseNtuzuma eveze ukuthi kunomuntu obathembisa ukuthi uzobalungisela la makhadi amasha ngokushesha.
“Bengisetekisini ngahlala eduze kukabhuti othembekile wangibuza ukuthi ngiyasihola yini isibonelelo sikahulumeni ngoba yena uzongisiza ukungitholela ikhadi elisha ngemali encane, angayidalulanga,’’ kusho uNksz Ntuli.
UMahaye uthe abenza lo mkhuba kufanele babikwe emaphoyiseni.