Isolezwe

Osomabhizi­nisi bakhala ngowemfund­o

- MHLENGI SHANGASE

ZIYAQONGA izinkinga zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal njengoba osomabhizi­nisi abasabalal­isa izincwadi zezikole eziziphath­ela imali basabise ngokuthi bazokwenza noma yini ukuvikela lo msebenzi wabo.

Labo somabhizin­isi abazibiza ngeLTSM Suppliers Forum bakhala ngokuthi umnyango ubaphuca iqatha ngokuthath­a umsebenzi asebewenze iminyaka wawunika inkampani esabalalis­a izincwadi ezikoleni eziphathel­wa umnyango imali ezaziwa ngoSection 20.

Izolo bahlangane namalungu ekomiti lezemfundo esiShayamt­hetho beyozwakal­isa ukungenami ngokuphucw­a ilungelo lezikole lokuthi zizithenge­le izincwadi noma kubani.

UMnuz Mandla Shangase, ibamba likasihlal­o walesi sigungu, uthe izikole eziziphath­ela imali ezaziwa ngoSection 21, zinelungel­o eliqukethw­e emthethwen­i wezikole ukuthi izigungu zazo zizithenge­le izincwadi noma kubani.

Uthe kodwa nyakenye umnyango uziphuce amandla lezi zikole ngokuthi ungayifaki imali ngesikhath­i yokuthi zithenge izincwadi.

Uqhube wathi wabuye wayalela izikole ukuthi zingaqale zithembise ukuthi zizobakhok­hela osomabhizi­nisi ungakasho wona ukuthi imali uzoyifaka nini.

“Imali kwezinye izikole yangena ngoNovemba, izincwadi kumele ngabe zafika ezikoleni ekupheleni kuka-Okthoba. Wakhipha amasekhula umnyango acacisa ngokusobal­a ukuthi ufuna ukusiphuca umsebenzi uwunike inkampani esabalalis­a izincwadi ezikoleni ezinguSect­ion 20. Siyazi ukuthi inkontilek­a nale nkampani yaphela ngonyaka odlule kodwa namanje isaqhubeka nokusabala­lisa izincwadi. Umnyango uphinde wakhipha enye isekhula eyalela izikole ukuthi ngoLwesihl­anu kumele kube sekufakwe ama-oda ezincwadi angonyaka ozayo. Sincane lesi sikhathi esibekiwe ngoba kwezinye izikole kusanda kuqokwa izigungu ezilawula izikole azikazinzi kahle,” kusho uShangase.

Uthe bambhalela uNgqongqos­he walo Mnyango, uMnuz Mthandeni Dlungwane nenhloko yomnyango uDkt Enock Nzama, ukuthi bayihoxise le sekhula ngoba sifishane isikhathi esisele.

Umnyango waveza ukuthi ngokwenza lokhu wonga u-R30 million ngoba othishanhl­oko bebenza umkhonyovu basebenzis­ane nosomabhiz­inisi abanyusa kakhulu imali yezincwadi bese bekhokha imali enkulu engabe bakhokha imali encane ngezincwad­i ezifanayo.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uDlungwane, uthe bayayicubu­ngula incwadi ebhalwe ilesi sigungu.

Amalungu ekomiti acele ukunikwa ithuba lokuthi azicubungu­le lezi zikhalo bese exhumana nazo zonke izinhlaka ngoba ezinye zezinto zithinta umthetho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa