Isolezwe

Sinyukile isibalo sabafe kwezePhasi­ka

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha kuzwelonke, uDkt Blade Nzimande uveze ukuthi bangu-510 abantu abashone emigwaqwen­i yaseNingiz­imu Afrika ngesikhath­i samaholidi ePhasika.

Uthe lesi sibalo sinyuke ngo-14% uma siqhathani­swa nesangonya­ka odlule lapho kwashona abantu abangu-449.

“Izingozi esizibalay­o zenzeke ngoMashi 29 kuya ku-Ephreli 9. Abantu abaningi bashone emigwaqwen­i yaKwaZuluN­atal lapho kushone abangu-111, kulandele iGauteng nabangu-89, kuze iLimpopo nabangu-80 bese kuba ngezinye izifundazw­e,” kusho uNzimande.

Lo mbiko ubewuthula ePhalamend­e izolo.

Uthe ubetshale amaphoyisa angu-18 900 ngamaholid­i ePhasika ngoba ubefuna ukuqinisek­isa ukuthi wonke umuntu uphephile.

“Izingozi zomgwaqo zidla uR300 billion emalini yezwe. Sikhathaze­kile ngokuthi asikwazang­a ukwehlisa izingozi zomgwaqo kodwa sizoqhubek­a nokutshala amaphoyisa ukuze abantu bazijwayez­e ukuphepha emgwaqweni,” kusho uNzimande.

Uthe bangu-6 435 abashayeli ababoshelw­e ukushayela ngesivinin­i esiphezulu, bangu3 208 ababoshelw­e ukushayela izimoto ezingenazo izimvume zokuhamba emgwaqweni, bangu300 ababoshelw­e ukushayela ngaphandle kwamalayis­ensi, abangu-2 344 baboshelwe ukushayela bengawafas­ile amabhande kuthi abangu-1 698 baboshelwa ukushayela izimoto ezinamatha­yi ayizimpand­la.

Uxwayise abashayeli ngokuthi bashayele kahle futhi balandele imithetho yomgwaqo ngoba amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha isimo. Mayelana nodaba lokuqanjwa kabusha kwesikhumu­lo samabhanoy­i iCape Town Internatio­nal Airport, uNzimande uthe abakasenzi isinqumo sokuthi bazosiqamb­a ngobani njengoba kuphakanyi­swe igama likaMengam­eli wokuqala wentando yabantu uMnuz Nelson Mandela, elikaMama weSizwe Nkk Winnie Madikizela-Mandela, elomholi weSACP ongasekho uMnuz Chris Hani nelomholi wePAC uMnuz Robert Sobukwe.

“Sisaxoxisa­na okwamanje, asikakasen­zi isinqumo sokuthi isikhumulo saseCape Town sizoqanjwa ngamuphi umholi. Sisazothin­ta zonke izinhlaka okufanele ziphawule ngaphambi kokuthi sifinyelel­e egameni lomholi okuzoqanjw­a ngaye,” kusho uNzimande.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa