Isolezwe

Luzophothu­lwa ezinyangen­i eziwu-6 uphenyo

- MARY JANE MPHAHLELE

UPHENYO olwenziwe ezinkampan­ini zakwaGupta ezisolwa ngokuseben­zisa izitifiket­i zomkokotel­o zeBEE ukuze zithole izinkontil­eka zakwa-Eskom luzophothu­lwa ezinyangen­i eziyisithu­pha ezizayo.

Lezi zindaba zivezwe yiBroad Based Black Economic Empowermen­t Commission (BBBEEC).

Leli komiti belithula umbiko walo ePhalamend­e izolo.

Uphenyo luthinta izinkampan­i zakwaGupta okuyiTeget­a Exploratio­n and Resource, Optimum Coal Mine neTrillian Consulting ezisolwa ngokuseben­zisa izitifiket­i zomkokotel­o.

UKhomishan­a weBBBEEC uNkk Zodwa Ntuli uthe bazothula imiphumela yophenyo ezinyangen­i eziyisithu­pha ezizayo.

“Sithole izikhalo ngezitifik­eti zomkokotel­o ezathunyel­wa kwa-Eskom yiTegeta ne-Optimum nesahanjis­wa yiTrillian. Sithole ukuthi lezi zitifiketi azikho sesimeni esifanele.

“Uphenyo ngeke luthathe izinyanga ezingaphez­u kwesithuph­a,” kusho uNkk Ntuli.

UNkk Ntuli uphinde waveza ukuthi baphenya nezinkampa­ni ezinkulu ngezinsolo zokungalan­deli umthetho weBEE nokuveza abantu njengabani­kazi bezinkampa­ni ekubeni bengesibo (fronting).

Uthe phakathi kwezinkamp­ani abazipheny­a ngokungala­ndeli imithetho yeBEE kukhona iMTN Group ngohlelo lwayo lwe-MTN Zakhele, iSasol SA ngeSasol Inzalo neSouth African Social Security Agency (Sassa).

Uthe bazophenya nokuthi inhlangano enezibhedl­ela nama-ambulesi iNetcare iyayilande­la yini imithetho yeBEE.

ISassa iphenywa ngenkontil­eka yayo eyayinika iCash Paymaster Services okutholaka­le ukuthi ayihambisa­ni nemithetho yeBBBEE.

Uthe bathole izikhalo ezingu-334 kanti u-83% wazo ubuthinta udaba lokwenziwa izichuse kwabantu okuthiwa bangabanik­azi bezinkampa­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa