Amawele athweswe iziqu ayohlukaniswa wumshado
AYOHLUKANISWA umshado kuphela amawele athweswe iziqu ngosuku olulodwa emkhakheni ofanayo e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).
USiphesihle noSinethemba Gwambe (21) bathweswe iziqu ngoMsombuluko kwiBachelor of Arts in Psychology. Kusukela ebuncaneni akukho akwenza ngokuhlukana. Amawele, angahlukaniseki ngenxa yokufana, athe ngisho uyise usawaphambanisa ngenxa yokuthi konke okwawo kuyefana.
“Kusukela sisafunda amabanga aphansi besifunda ekilasini elilodwa. Kuthe noma sesiyofunda amabanga aphezulu, safunda ekilasini elilodwa saze saqeda. Othisha abakaze basihluphe ngokufuna ukusihlukanisa ekilasini,” kusho uSiphesihle.
Ngaphandle kokufunda ndawonye banabangani ababodwa, bathanda izinto ezifanayo ngisho ngesikhathi sabo sokungcebeleka. Mayelana nokukhetha lezi zifundo, uSiphesihle uthe baphothule u-matric ePinetown Girls. Udadewabo uSinethemba nguye ozikhethele kuqala iPsychology.
“Mina ngangifuna ukwenza iPhysiology kodwa bangangithatha. Sobabili sasingakaze sihlele sisakhula ukuthi sifuna ukulandela muphi umkhakha. Kuthe uma ngizwa ukuthi uSne uthathiwe kwiPsychology, ngalandela yena ngingasawubhekanga omunye umkhakha,” kusho uSiphesihle.
Yize bejwayele ukwenza izinto ndawonye, bathi ukuthweswa iziqu kuyisikhumbuzo esingasoze sashabalala. Bebefunda ndawonye futhi bathi ukuncintisana yikona okubasize ukuthi baphumelele.
USinethemba uthe nguye ojwayele ukuhamba phambili ekwenzeni izinqumo uze azibize ngomholi. Uthe ukulala ezincwadini yinto yabo.
“Sikhule sincintisana kukho konke, nasekufundeni asifuni kube khona ozohluleka. Besifunda ndawonye sibone ukuthi wubani owazi kakhulu bese siyasizana,” kusho uSinethemba.
Bakhuze ibhadi bebuzwa ukuthi njengoba konke bekwenza ndawonye, kuyoba njalo yini sebegana.
“Yilokho esinesiqiniseko sokuthi ngeke sikwenze ndawonye. Ngeke sigane umuntu oyedwa futhi ngeke sigane abesilisa bandawonye. Sesizitshele ukuthi umshado kuphela oyosihlukanisa,” kusho uSiphesihle.
Bangamawele impela kodwa abagqoki ngokufana kodwa uma omunye egula, kuyazwela nakomunye.
Kulo nyaka bazokwenza iHonours Degree futhi bazimisele ukuqhubeka nokufunda nangonyaka ozayo.