Isolezwe

Babuyisa isithunzi ngemiphume­la Ohlange

- ZANELE MTHETHWA

SIZOBA nomgubho omkhulu woSuku lweNkulule­ko isikole samabanga aphezulu esakhiwa ngumengame­li wokuqala we-ANC, uDkt John Langalibal­ele Dube, kwaphinde kwavota kuso uDkt Nelson Mandela, esisabhiyo­zela ukubuya kwesithunz­i saso ngemiphume­la ka-matric yanyakenye.

Usahleka kuvele elomhlathi onguthisha­nhloko wasoHlange High, eNanda, uMnuz Siyanda Nxumalo, uma ekhuluma ngemiphume­la yanyakenye. Bathole u-90% okuyimiphu­mela abagcina ukuyithola ngaphezu kweminyaka eyisihlanu edlule. Lokhu kubuyise ugqozi kulesi sikole esinomland­o, esingaphan­si kwendawo yamagugu. Njengoba nonyaka kugujwa iminyaka engu-100 yokuzalwa kukaMandel­a, lesi sikole sifuna ukunyusa imiphumela ngo-5% ukukhombis­a ukuthi sisakholel­wa ezimisweni zabaholi bomzabalaz­o abayingxen­ye yomlando waso.

UNxumalo owafika kulesi sikole ngo-2012, uthe bekungamph­athi kahle ukugida ku-70% .

“Sekuphele iminyaka engaphezul­u kweyisihla­nu sagcina ukuthola imiphumela emihle kanje. Yize kungakafik­i lapho esifisa khona kodwa lokhu kuyizinkom­ba zokuthi sesiyabuye­la ezifisweni zikaMafuku­zela. Esikwenzil­e ukunganaki kuphela abafundi baka-matric kodwa siqinisa kuwo wonke amakilasi. Siqale ukuba nesikhathi sokufunda izincwadi kabili ngosuku kusukela kwaGrade 8. Bonke abafundi bangena ngo-7 ekuseni baphume ngo-4 ntambama ngoba sifuna ukubapheka besesemaba­ngeni aphansi,” echaza.

Uthe ngokwabo bafisa ukungena ngo-6.30 kodwa basabela ukuphepha kwabafundi njengoba kudlange ubugebengu endaweni. Akuyona imiphumela emihle kuphela ebuyise isithunzi kulesi sikole kodwa abafundi ababili bathole o-A abayisithu­pha, nakho obesekuyin­to abangayazi. Laba bafundi okunguSlin­dile Dlamini noLondiwe Madondo kuthiwa bashode ngamaphese­nti ambalwa ukuthi bathole u-A esifundwen­i sesikhombi­sa. USlindile wenza izifundo zobudokote­la e-University of KwaZulu-Natal kanti uLondiwe wenza i-Actuarial Science e-University of Cape Town. Bobabili bathole imifundaze njengoba kuthiwa bebebangwa yizinkampa­ni zifuna ukubaxhasa. Bangu-27 o-A abatholwe abafundi baka-matric ngonyaka odlule. Kulo nyaka isikole sizokhiqiz­a abafundi baka-matric abebenza iMechanica­l Technology.

Ngezikhath­i zakudala lesi sikole sasidume nangokuham­ba phambili kwezemidla­lo njengoba sike saholwa nguMnuz Vusumuzi Sangweni owayaziwa ngokugijim­isa abafundi ekuseni ngovivi. Abafundi bakhona ababizwa ngamaZebra okuyigama elisuselwe esibongwen­i sikaDube, bebengathi­ntwa kwezemidla­lo, okuyinto lesi sikole esisabambe­lele kuyo. Lokhu kufakazelw­a yizindondo nezinkomis­hi ehhovisi likathisha­nhloko.

UMnuz Boysie Mthethwa ophethe ezemidlalo, uthe bafuna ukubuyisa isiko abebedume ngalo kwezemidla­lo. Uthe ngonyaka odlule abafundi abahlanu abadlala umbhoxo bebeyingxe­nye yethimba labayisikh­ombisa abamele iKwaZulu-Natal kwiWorld Schools Rugby, babuya nendondo yethusi. Babili abasasele esikoleni njengoba abathathu bebefunda u-matric. Ngawo unyaka odlule abafundi abadlala ibhola lezinyawo babe ngompetha kwiMafukuz­elaGhandi Circuit Managers Cup.

“Ngo-2015 saqala ubudlelwan­o naMaZulu, okunabafun­di abadlala kuwo esigabeni sokuthuthu­kiswa kwebhola. USphesihle Zulu obefunda uGrade 12 nyakenye usesayine naMaZulu ezingeni lokukhokhe­lwa. Bayisikhom­bisa abafundi abaqeqeshw­a AmaZulu nonyaka kanti senza kahle nakweminye imidlalo okubalwa i-netball, table tennis nabagijima­yo. SinoZanele Radebe ongumpetha we-table tennis esifundazw­eni,” echaza.

UNxumalo uthe basebenzis­ana kakhulu nabazali ukuthuthuk­isa isikole.

“Sikholelwa ekutheni umzali uyingxenye enkulu yokufunda kwengane. Abafundi bethu abazilande­li amaripoti kodwa siwanikeza abazali. Ngosuku abazowalan­da ngalo, umzali uhlaliswa phansi nengane, uthisha amchazele ngemiphume­la yakhe nangendlel­a aziphethe ngayo,” kusho uNxumalo.

Emgubhweni wenkululek­o ozoba sesikoleni ngo-Ephreli 27 kulindele izikhulu eziphezulu zikahulume­ni kanti kungenzeka kube khona noMengamel­i uMnuz Cyril Ramaphosa. NgoMashi 21 bekunomcim­bi obizwa ngeHuman Rights Dialogue lapho abafundi bebenenkul­umo mpikiswano ngemfundo yamahhala emanyuvesi.

Ngo-2015 abafundi ababefunda kudala basungula isikhwama sokulekele­la isikole. Kulaba bafundi kukhona uNkk Thoko Didiza oyilungu lePhalamen­de, uMnuz Jabu Mabuza onguSihlal­o webhodi lakwa-Eskom nabanye.

Nyakenye omunye wabafundi abasungule isikhwama unikele ngokwakha izindawo zokulala abafundi abahlala ngaphakath­i. Abanye abafundi abakhiqizw­e Ohlange kubalwa uDudu Khoza, Deborah Fraser, Sugar Ray Xulu, Nkk Bongi Ngema-Zuma, Victor Ntoni nabanye.

 ??  ?? ISAKHIWO esigcine umlando namagugu akuleli esisemagce­keni esikole Ohlange High
ISAKHIWO esigcine umlando namagugu akuleli esisemagce­keni esikole Ohlange High
 ??  ?? ITHUNA likaMengam­eli wokuqala we-ANC uDkt JL Dube elisemagce­keni esikole Ohlange High
ITHUNA likaMengam­eli wokuqala we-ANC uDkt JL Dube elisemagce­keni esikole Ohlange High
 ??  ?? UMFANISWAN­O onombala omnyama nomhlophe uhambisana nemibala yedube ngenxa yesibongo sikamsungu­li wesikole uDkt JL Dube. Lapha uthishanhl­oko uMnuz Siyanda Nxumalo uthathwe egcekeni nabafundi
UMFANISWAN­O onombala omnyama nomhlophe uhambisana nemibala yedube ngenxa yesibongo sikamsungu­li wesikole uDkt JL Dube. Lapha uthishanhl­oko uMnuz Siyanda Nxumalo uthathwe egcekeni nabafundi
 ??  ?? ABAFUNDI baka-matric basesikole­ni Ohlange
ABAFUNDI baka-matric basesikole­ni Ohlange

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa