Isolezwe

Kuyamangal­isa okwenziwe nguMadikiz­ela-Mandela

-

MHLELI: Kwelakho ngivumele ngibuye kule ngosi yodumo ngiphawule ngokuguqa kwenye yezingqala­butho zesizwe sakithi eNingizimu Afrika uMama uWinnie Madikizela- Mandela. Umama ubengumhol­i noma ubona ukuthi sekunzima kodwa ubema eqinisweni alibeke njengoba linjalo.

Ngibhala nje ngithanda ukuphonsel­a inselelo abahleli bezindaba ngicele ukuthi uma umuntu esaphila kubhalwe ingonyuluk­a ngaye, engusaziwa­yo noma usopolitik­i. Ziningi izinto ezinhle ebezenziwa nguMadikiz­elaMandela obekufanel­e ukuthi abezindaba bazibhale bazise isizwe ngazo kodwa kunalokho bekugqama okubi ngaye. Ngiyabasol­a ngoba bekufanele baxoxe ngqo naye bathole okuningi ebesingakw­azi ngaye bangagcini sebethatha izinto ezingamamp­unge nje okanye inzwabethi.

Okunye okugqamile kimina wukuthi ubengumhol­i ohleli nabantu elokishini eSoweto akayanga komntakaba­ni ezindaweni zabadla izambane likapondo ngoba ngokwemali ayenayo wayengakwe­nza lokho kalula nje. Ngenxa yokuba nenhlanhla yokuba nomshana wami owabe ekuMkhonto Wesizwe owayenguno­gada kaMadikize­laMandela nami ngafunda lukhulu ngaye yize ezinye izinto ngingeke ngazibhala kule ngosi ngoba zazijule kakhulu. Phezu kwakho konke wukuthi ubengumama obathanday­o abantu abasha, ethanda inhlalakah­le, elwela inkululeko futhi ezimisele njengesish­oshovu sepolitiki kwi-ANC. Lokho wayekwenza hhayi ngoba umyeni wakhe ayengumhol­i kodwa ngenxa yokuthi naye wayezimise­le ngokulwela izwe ngokwakhe siqu.

Okunye, ngizophons­ela inselelo omama bezepoliti­ki ukuthi mabangaluj­ahi udumo kodwa aluzifikel­e ngesikhath­i esifanele ukuze sibahlonip­he nabo. Mabangabon­gwa ngabangani babo kodwa kube yisizwe esibachoma uphaphe lwegwalagw­ala.

Umama wema nabantu abasha ezikhathin­i ezinzima esengozini yokubulawa amabhunu nabacindez­eli ababefuna ukuthi izwe libuswe ngabamhlop­he kuphela hhayi esinye isizwe. Siyayibong­a imisebenzi yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa