Isolezwe

Abasakazi be-East Coast kwiBig Walk

- ZANELE MTHETHWA

UMJAHO waminyaka yonke – ohlelwa yi-East Coast Radio neDiscover­y – iBig Walk ngoMeyi 20 uzongenelw­a nangabasak­azi be-East Coast Radio okokuqala nonyaka.

Ngokujwaye­lekile abasakazi baye babe neziteji lapho bezonandis­a khona, baxoxe nabangenel­e kodwa kuzobe kuqala ukuthi nabo bahambisan­e nezihlwele.

Abasakazi bohlelo lwasekusen­i bazongenel­a umjaho ka-5km bese kuthi uThandolwe­thu noJane Linley-Thomas bangenele oka-10km. Ithimba elenza uhlelo lwantambam­a lizongenel­a umjaho ka-20km. Isilomo somsakazo, uDamon Beard, uzongenela owokugijim­a ka-9km.

OyiGeneral Manager ye-East Coast Radio, uNksz Boni Mchunu, uthe bayajabula ukuthi umjaho uyakhula minyaka yonke.

“Umjaho ungomunye wemicimbi ebalulekil­e eThekwini futhi minyaka yonke siletha okusha. Kulo nyaka ingxenye yemali yokungenel­a izonikelwa enhlanganw­eni yabanokukh­ubazeka, iSaint Giles. Siyajabula ukuba phakathi kwabantu abasiza umphakathi odingayo,” kusho uBoni.

OyiNhloko yakwaDisco­very kwezokukha­ngisa, uNksz Lorna Maclean, uthe umjaho uhlanganis­a imindeni kube wusuku lokuzijabu­lisa. Uthe bakukhatha­lele ukuzinakek­ela kwabantu baze bakhuthaze nokuthi bazivocavo­ce.

Ukungenela kuqale ngoMashi 25 kanti kuyaqhubek­a kuze kube wuMeyi 2. Umjaho ka-9km, 5km no-10km ungenelwa ngo-R125, kube u-R120 ku-20km.

Umjaho, ohlukanisw­e izigaba ezine, uheha izinkulunw­ange zabantu usuze uthathwe njengosuku oluhlangan­isa umndeni.

Abahleli bawo bathe ukuhlukani­swa kwawo izigaba kwenzelwa ukuthi wonke umuntu akwazi ukuwungene­la.

Yonke imijaho iqala eShaka Marine igudle ulwandle bese iphelela eMoses Mabhida People’s Park. Eminye imininingw­ane itholakala kwi-website ye-East Coast Radio nasekhasin­i labo kuFacebook.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa