Isolezwe

Iziqu kumfundi obemncane kunabanye

- INTATHELI YESOLEZWE

KUFEZEKE iphupho kumfundi (19) wesikhungo semfundo ephakeme i-University of KwaZulu-Natal (UKZN) obe ngumfundi omncane kunabo bonke ukuthi athweswe iziqu.

UBulelani Msawakhe Mazibuko wase-Estcourt uthe uzwe inhliziyo yakhe ishaya mawala ngesikhath­i eyothweswa iziqu zeBachelor of Arts kwipolitik­i nezomtheth­o ngoMsombul­uko.

Uthe ukwethwesw­a kwakhe iziqu bekuwumzuz­u abewulindi­le.

“Ngijabulil­e futhi ngithobeki­le ngokuthi uze wafika lo mzuzu. Emuva kokujuluka nokukhala izinyembez­i sekuze kwenzeka. Lo mzuzu ngiyohlezi ngiwukhumb­ula,” kusho uBulelani.

Uthe uqoke ukwenza izifundo abezenza ngoba efuna ukusiza umphakathi aphuma kuwona.

UBulelani uthe ubengeke aphumelele ngaphandle kokwesekwa wumndeni nabangani abebemgqug­quzela.

“Ngesekwe kakhulu umndeni nabangani. Umama nobaba bebengisha­yela ucingo nsukuzonke bebheka ukuthi ngisesimen­i esihle yini baphinde bangikhumb­uze ngokubalul­eka kokwenza izinto ezibalulek­ile kuqala. Iningi labangani bami lidala kunami lifana nobhuti bami abadala. Bengibukel­a kubona,” kusho uBulelani.

Umndeni wakhe nawo uveze ukuthi uyamjabule­la ngokuthi abe ngumfundi omncane kunabo bonke ukuthi athweswe iziqu nokuthi aphothule izifundo zakhe esikhathin­i abebekelwe sona yize emncane.

UBulelani osaqhubeka nezifundo zakhe zobumeli e-UKZN ukhuthaze abanye abafundi wathi ababonele kuyena ngokuthi bazethembe basebenze kanzima. Uthe kubaluleki­le ukuthi bazazi ukuthi bafunani nokuthi bazitshele ukuthi bangaphume­lela kulokhu abafuna ukuba yikho.

UBulelani, oqale ukwenza izifundo zemfundo ephakeme eneminyaka engu-15 uthe wayevele engenalo uvalo lokuthi ngeke aphumelele. Uthe wayazi ukuthi kungaba nezingqina­mba endleleni kodwa ezitshela ukuthi uzophumele­la.

 ??  ?? UBULELANI Msawakhe Mazibuko obe ngumfundi omncane kunabo bonke ukuthweswa iziqu esikhungwe­ni semfundo ephakeme i-UKZN
UBULELANI Msawakhe Mazibuko obe ngumfundi omncane kunabo bonke ukuthweswa iziqu esikhungwe­ni semfundo ephakeme i-UKZN
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa