Isolezwe

Amawele athweswe iziqu ayohlukani­swa wumshado

- ZANELE MTHETHWA

AYOHLUKANI­SWA umshado kuphela amawele athweswe iziqu ngosuku olulodwa emkhakheni ofanayo e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).

USiphesihl­e noSinethem­ba Gwambe (21) bathweswe iziqu ngoMsombul­uko kwiBachelo­r of Arts in Psychology. Kusukela ebuncaneni akukho akwenza ngokuhluka­na. Amawele, angahlukan­iseki ngenxa yokufana, athe ngisho uyise usawaphamb­anisa ngenxa yokuthi konke okwawo kuyefana.

“Kusukela sisafunda amabanga aphansi besifunda ekilasini elilodwa. Kuthe noma sesiyofund­a amabanga aphezulu, safunda ekilasini elilodwa saze saqeda. Othisha abakaze basihluphe ngokufuna ukusihluka­nisa ekilasini,” kusho uSiphesihl­e.

Ngaphandle kokufunda ndawonye banabangan­i ababodwa, bathanda izinto ezifanayo ngisho ngesikhath­i sabo sokungcebe­leka. Mayelana nokukhetha lezi zifundo, uSiphesihl­e uthe baphothule u-matric ePinetown Girls. Udadewabo uSinethemb­a nguye ozikhethel­e kuqala iPsycholog­y.

“Mina ngangifuna ukwenza iPhysiolog­y kodwa bangangith­atha. Sobabili sasingakaz­e sihlele sisakhula ukuthi sifuna ukulandela muphi umkhakha. Kuthe uma ngizwa ukuthi uSne uthathiwe kwiPsychol­ogy, ngalandela yena ngingasawu­bhekanga omunye umkhakha,” kusho uSiphesihl­e.

Yize bejwayele ukwenza izinto ndawonye, bathi ukuthweswa iziqu kuyisikhum­buzo esingasoze sashabalal­a. Bebefunda ndawonye futhi bathi ukuncintis­ana yikona okubasize ukuthi baphumelel­e.

USinethemb­a uthe nguye ojwayele ukuhamba phambili ekwenzeni izinqumo uze azibize ngomholi. Uthe ukulala ezincwadin­i yinto yabo.

“Sikhule sincintisa­na kukho konke, nasekufund­eni asifuni kube khona ozohluleka. Besifunda ndawonye sibone ukuthi wubani owazi kakhulu bese siyasizana,” kusho uSinethemb­a.

Bakhuze ibhadi bebuzwa ukuthi njengoba konke bekwenza ndawonye, kuyoba njalo yini sebegana.

“Yilokho esinesiqin­iseko sokuthi ngeke sikwenze ndawonye. Ngeke sigane umuntu oyedwa futhi ngeke sigane abesilisa bandawonye. Sesizitshe­le ukuthi umshado kuphela oyosihluka­nisa,” kusho uSiphesihl­e.

Bangamawel­e impela kodwa abagqoki ngokufana kodwa uma omunye egula, kuyazwela nakomunye.

Kulo nyaka bazokwenza iHonours Degree futhi bazimisele ukuqhubeka nokufunda nangonyaka ozayo.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? BASIZWE ukuncintis­ana uSinethemb­a noSiphesih­le Gwambe abathweswe iziqu emkhakheni owodwa e-University of KwaZulu-Natal
Isithombe:SITHUNYELW­E BASIZWE ukuncintis­ana uSinethemb­a noSiphesih­le Gwambe abathweswe iziqu emkhakheni owodwa e-University of KwaZulu-Natal

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa