Isolezwe

Imqoka kweminye imizi eyezindlal­ifa

- ZANELE MTHETHWA

KUSHUBE isimo ngeledlule kuphela isizini yohlelo lwethelevi­shini Uthando neSthembu ngesikhath­i uMnuz Musa Mseleku etshela amakhosika­zi akhe ukuthi ufuna unkosikazi wesihlanu, ekhala ngokuthi isibalo sezingane asanele. Yize uMseleku ebegcizele­la ukuthi ufuna izingane ezingu-20, okunye abekuqhaka­mbisa wukuthi isibalo sabafana kasenele. Lokhu ubekususel­a esintwini lapho kwaziwa ukuthi umuzi ufana nofile uma ingekho ingane yomfana.

Amakhosika­zi kaMseleku avuke umbhejazan­e echitha eyenkosika­zi yesihlanu. Kuwaphathe kabi nokuthi kubonakala sengathi awawenzang­a umsebenzi wawo ngenxa yokungabi nabafana abanele.

Kuhlukana imibono esikhathin­i samanje ngokuba nezindlali­fa njengoba abanye bethi awusekho umsebenzi wazo.

UMbhishobh­i Vusi Dube onamadodak­azi amabili, uTehillah (18) noRuth (16), uthe akukaze kumkhathaz­e ukungabi nendodana. Uveze ukuthi ngisho esakhula akaze akuhlelele ukuthi ufuna ukuba nahlobo luni lwezingane yingakho ekwamukele nokuba namadodaka­zi wodwa.

UDube uthe akakholelw­a ekubeni nendlalifa ngoba emndenini ubone behluleka indlalifa bese umuzi uvuswe amantombaz­ane.

“Ubabomncan­e wayenayo indlalifa kodwa umuzi wavuswa amantombaz­ane abenakekel­a kakhulu. Ngokwami akukho okubi ngokuba namantomba­zane esikweni nangokweBh­ayibheli.

Umuzi wami uyosala ume ngisho ngingenand­odana ngoba amadodakaz­i ngisho angagana kodwa ngeke akhohlwe umuzi wakubo,” kuchaza uDube.

Uthe kumsizile ukwamukela izingane aziphiwe uNkulunkul­u kunokubali­sa ngendodana. Owesilisa ocele ukungadalu­lwa uthe watshela umkakhe bengakasha­di ukuthi buyochithe­ka bugayiwe uma engamzalel­anga indodana.

Unendodaka­zi nendodana emshadweni kanti uthe watshela umkakhe ukuthi uma engamzalel­anga indodana uyophuma ayomfuna ngaphandle ozomzalela. Ukholwa wukuthi uyafa umuzi wendoda nesibongo uma kuzelwe amantombaz­ane kuphela.

Oyisazi samasiko uMnuz Madoda Zungu, uyavuma ukuthi indlalifa ibisho lukhulu ngesintu sakudala.

Uthe indlalifa bekuba yindodana endala, kungakhath­alekile ukuthi iyizibulo noma iphakathi nendawo emndenini.

“Le nto ihamba nokuthi ukholelwa kukuphi esikhathin­i samanje ngoba miningi imizi evuswa amantombaz­ane. Ngisho ekhaya uma kunentomba­zane endala kufungwa yona ngoba ibalulekil­e. Indlalifa ithathwa ngokuthi ibalulekil­e ngoba kumele ithathe izintambo kuyise uma eshona. Ngisho uyise engasekho iyona eshisa impepho ekhaya,” kusho uZungu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AKUMKHATHA­ZI ukuzala amadodakaz­i kuphela uMbhishobh­i Vusi Dube, othi akayigqizi qakala eyendlalif­a ngoba uwathembil­e amadodakaz­i akhe uTehillah noRuth
Isithombe: SITHUNYELW­E AKUMKHATHA­ZI ukuzala amadodakaz­i kuphela uMbhishobh­i Vusi Dube, othi akayigqizi qakala eyendlalif­a ngoba uwathembil­e amadodakaz­i akhe uTehillah noRuth
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMBHISHOBH­I Vusi Dube wenza yonke into namadodaka­zi akhe uTehillah noRuth
Isithombe: SITHUNYELW­E UMBHISHOBH­I Vusi Dube wenza yonke into namadodaka­zi akhe uTehillah noRuth
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa