Isolezwe

Kugqabuke igoda kwiChiefs noKhuzwayo

- MINENHLE MKHIZE

UNOZINTI weKaizer Chiefs uBrilliant Khuzwayo useyithume­le incwadi echaza ngokuthi ngeke esabuyela kuleli qembu ngesizini ezayo.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngesikhath­i lixoxa nemenenja kaKhuzwayo, uTim Sukazi, we-Quality Talent Sports. Leli phephandab­a livele selike labika ngokuthi uKhuzwayo uyashiya kuMakhosi uma kuphela isizini kodwa ubengakala­zisi iqembu.

“IChiefs siyibhalel­e incwadi siyazisa ukuthi uBrilliant ngeke abe yingxenye yabadlali abazobe benza amalungise­lelo esizini entsha. Ijezi akalitholi ngakho asikho isidingo sokuthi ahlale ekubeni engadlalis­wa. IChiefs ibisafuna sixoxe kodwa sayitshela ukuthi sesisithat­hile isinqumo sokuthi sibe siqala sifunela uBrilliant ikhaya elisha kwenye indawo,” kusho uSukazi.

UKhuzwayo (28) ulizwa ngendaba ijezi kuMakhosi. U-Itumeleng Khune nguyena oselenze elakhe ijezi. UKhuzwayo ujoyine iChiefs ngo-2012 esuka kuMaZulu. Kwelesizwe uKhuzwayo usedlale imidlalo emine.

“Maningi amaqembu afuna uBrilliant kodwa alikho esisasayin­e nalo inkontilek­a. Akusilona iqiniso ukuthi unenkontil­eka yesibambis­o ne-Orlando Pirates. ICape Town City ike yaphinde yasithinta kodwa hhayi ukuthi singene sajula ezingxoxwe­ni,” kusho uSukazi.

Leli phephandab­a lihabule izindaba zokuthi iMamelodi Sundowns nayo ikhona emaqenjini agaqele uKhuzwayo kwazise ayeneme ngoRazak Brimah waseGhana. ISundowns ibophele noKennedy Mweene kanti isanda kuvuselela inkontilek­a kaThela Ngobeni obolekiswe kwiFree State Stars. Njengamanj­e uDenis Onyango (32) nguyena ogiya ezintini zeSundowns. Ngo-2016 uqokwe njengomdla­li ovelele kwabadlala kumaligi ase-Afrika kulandela ukusiza iSundowns ekutheni ikhale yemuke nesicoco seCAF Champions League.

UKhuzwayo usedlale imidlalo emibili kuphela kule sizini ka-2017/2018.

Wadlala ngesikhath­i iChiefs ibhekene neSuperSpo­rt United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, emdlalweni we-quarterfin­al yeMTN 8. Ngemuva kwalokho uphinde wayibamba ezintini Amakhosi ebambana neBloemfon­tein Celtic ngo 1-1 emdlalweni weligi.

Kule midlalo wadlala ngenxa yokuthi uKhune wayelimele. Abaningi bebebheke ukuthi uKomphela uzombophel­a uKhuzwayo emdlalweni olandelayo weqembu ngemuva kokuthi iChiefs ithelwe yiChippa United ngehlazo lika 3-0 kodwa wabuyisela uKhune leli qembu liguqisa iPlatinum Stars ngo 1-0.

UVina Maphosa wezokuxhum­ana kwiChiefs akazange atholakale kwazise ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a izolo.

 ??  ?? PERCY TAU
PERCY TAU
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa