Isolezwe

I-Gor ibambe umoya ngesifiso sokuphumel­ela ukuza eMzansi

- MTHOKOZISI MNCUSENI

OLWAYIZOLO luze lwaphela kungacaci noma izogcina iphumelele yini ukufika eNingizimu Afrika iGor Mahia yaseKenya okumele izobhekana neSuperSpo­rt United kowomlenze wesibili wokuzibeki­sela indawo kweyamaqoq­o yeCAF Confederat­ion Cup.

Leli qembu, elihamba phambili ngo 1-0 eliwuthole kowomlenze wokuqala eKenya ngasekuqal­eni kwenyanga, libhekene nezinkinga eziningi ezihlangan­isa imali yokugibela elithi alinayo, ama-visa nabadlali abamqoka kodwa abanenking­a yezinkonti­leka neqembu.

Ngokusho kuka-Omondi Aduda oyisikhulu esiphezulu seGor izolo emini, bebezongen­a endizeni ebheke kuleli izolo ngo-8 ebusuku. Lo mdlalo unamuhla ngo-7.30 eLucas Moripe Stadium. U-Aduda ubekhuluma nabezindab­a eKenya izolo emini.

“Sibambe umoya ukuthi isifiso sethu sokufulath­ela leli ngo-8 ebusuku (esho izolo) sibe yimpumelel­o. Kuze kube yimanje uhulumeni ubungakasi­niki imali ebesicele ukuba usisize ngayo ukuze sikhokhele izindleko zalolu hambo. Inkinga enkulu lapha ukuthi uhulumeni uthe useyikhiph­ile imali wayinika usoseshini webhola eKenya kodwa (usoseshini) uyakuphika lokhu. Iqiniso ukuthi asazi ukuthi ubani okhuluma iqiniso nosenga ezimithiyo kubona,” kusho lesi sikhulu izolo emini.

Akuyona inkinga yemali kuphela kepha nama-visa bekunenkin­ga nawo khona izolo ngoba igunya lokungena eNingizimu Afrika kumele ulicele ngaphambi kwezinsuku ezinhlanu ngaphambi kokuthi ungene khona kodwa Isolezwe lithole ukuthi iGor yenze lokhu sekusele izinsuku ezine.

“Nakhona lokho sisalwa nakho ngethemba lokuthi uhulumeni uzosisiza ukuthi sikwazi ukuyodlala ngoba silwazi kahle ulaka lweCAF esizobheka­na nalo uma singahlule­ka ukuya kulo mdlalo. Ngaphandle kwalokhu sihamba phambili ngakho-ke asizimisel­e ngokuphuth­wa yithuba elihle kanje lokuyodlal­a kweyamaqoq­o yeConfeder­ation Cup. Sizozama konke okusemandl­eni,” uqhube kanje khona izolo u-Aduda.

Lesi sikhulu siqiniseki­se nokuthi uJacques Tuyisenge waseRwanda oshaye igoli okuyilona ehamba phambili ngalo iGor kowomlenze wokuqala, no-Ephraim Guikan wase-Ivory Coast, ngeke babe khona kulo mdlalo kwazise awabo ama-visa anqatshiwe. Likhona ithemba ngoFrancis Kahata yena osazanyelw­a. Laba badlali ababili banqatshel­we ngoba behlulekil­e ukuveza amaphepha aqinisekis­a ukuthi sebewuqedi­le unyaka besebenza eKenya. Kunethemba ngokuthi kuzoshesha okukaKahat­a ngoba ngowaseKen­ya kodwa bekunezink­inga ngamapheph­a akhe amvumela ukuba aphume eKenya. Kuzolunga lokhu ngokusho kuka-Aduda.

 ?? Isithombe: GOAL.COM ?? JACQUES TUYISENGE
Isithombe: GOAL.COM JACQUES TUYISENGE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa