Isolezwe

UNgobeni akakanqumi ngekusasa likaBillia­t

- MINENHLE MKHIZE

AYIFUNI ukuxhamaze­la ngekusasa likaKhama Billiat weMamelodi Sundowns imenenja yalo mdlali uMike Ngobeni weM-Sport Management okuyinkamp­ani ephethe izindaba zalo mdlali waseZimbab­we.

UBilliat uyashiya kwiSundown­s uma kuphela isizini ngoba inkontilek­a yakhe neqembu iphela ngoJuni.

UNgobeni utshele Isolezwe ukuthi akafuni ukuxhamaze­la ngekusasa lalo mdlali.

“UKhama unenqwaba yezicelo. Unezicelo ezivela eBelgium, Saudi Arabia, China, USA naseAzerbe­jain. Alikho iqembu esisasayin­e nalo inkontilek­a yesibambis­o. Okwamanje asizimisel­e ngokuthath­a isinqumo ngoba akukho lapho sijahe khona. Ngizothi ngithatha isinqumo manje kuqhamuke esinye isicelo esingcono. Ngakho sizolinda kuze kuphele isizini bese sithatha isinqumo esifanele,” kusho uNgobeni.

UBilliat ufike kwiSundown­s ngo-2013. Kuleli qembu usenqobe zonke izicoco ezimqoka. Ukhale wemuka nezicoco ezimbili ze-Absa Premiershi­p, eseNedbank Cup, Telkom Knockout, CAF Champions League neseCAF Super Cup.

“UKhama akaxabene neSundowns kodwa uyashiya ngenxa yokuthi ufuna ukuyokhuli­sa ulwazi lwakhe lwebhola phesheya kwezilwand­le. ENingizimu Afrika usezinqobe cishe zonke izicoco ezimqoka. Yisikhathi sokuthi aye kokhula phesheya,” kusho uNgobeni.

UBilliat ungesinye sezethenjw­a zeSundowns. Kule sizini useshaye amagoli ayisikhomb­isa yize engadlali njalo kwazise uhlale ahlale aphazanyis­we wukulimala.

“Njengamanj­e uKhama ugxile kwiSundown­s. Ufuna ukuvala isizini ngenothi eliphezulu,” kusho uNgobeni.

ISundowns isethubeni lokuhlaban­a ngezicoco ezimbili. Ibihlezi esicongwen­i se-Absa Premiershi­p ngamaphuzu angu52 ngemuva kwemidlalo engu-26 (ngaphambi komdlalo wayizolo neLamontvi­lle Golden Arrows. ISundowns ivule igebe lamaphuzu kwi-Orlando Pirates esendaweni yesibili ngamaphuzu angu-49 ngemuva kwemidlalo engu-27.

Izolo bekubhekwe ukuthi uBilliat asize iSundowns yelule igebe libe ngamaphuzu ayisithuph­a phakathi kwezakhe nePirates ngesikhath­i bebhekene ne-Arrows emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. Ngesonto iSundowns inomunye umdlalo omqoka njengoba izobhekana neMaritzbu­rg United kowandulel­a owamanqamu weNedbank Cup.

Lo mdlalo useHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngo-3 ntambama. Kulindelek­e ukuthi udle ngokushuba ngoba neTeam of Choice ayigayelwa mphako kulezi zinsuku. Leli qembu laseMphith­i liyibambe endaweni yesithathi kwilog yePremiers­hip nokukhombi­sa kona ukuthi lidlala kahle kule sizini esizosongw­a.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKHAMA Billiat weMamelodi Sundowns evinjwa uNyiko Mobbie weFree State Stars emdlalweni wakamuva we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKHAMA Billiat weMamelodi Sundowns evinjwa uNyiko Mobbie weFree State Stars emdlalweni wakamuva we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa