Isolezwe

Uyacacisa ngokweyama­niswa neKaizer Chiefs

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weFree State Stars, uLuc Eymael, uphumele obala ngamahlebe­zi amkhomba kwiKaizer Chiefs esemkhanka­sweni wokuthola umqeqeshi ozovala isikhala sikaSteve Komphela ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019.

Sekuphele izinyanga zingadluli izinkulumo zokuthi iChiefs ifuna u-Eymael eNaturena ngesizini ezayo phezu kokuba leli qembu lingafuni ukuziqinis­ekisa. U-Eymael ugile izimanga kwiStars ngesizini yakhe yokuqala efikile eBethlehem ecosha amaphuzu kuwona wonke amaqembu athathwa njengamakh­ulu eMzansi.

Emasontwen­i edlule usihlalo weStars, uMike Mokoena, uthe nakuba bejabule ngokwenziw­a ngu-Eymael eqenjini futhi ebakhumbuz­a izinsuku zakudala kodwa bavule izandla uma efuna ukuhamba ekupheleni kwesizini. I-Ea Lla Koto imenyusele umholo u-Eymael emuva kokubona umsebenzi wakhe omuhle kuleli qembu. Amahlebezi akamuva amkhomba kwiSuperSp­ort United esanda kuhlukana no-Eric Tinkler.

Izolo, esithangam­ini nabezindab­a eBethlehem, u-Eymael uthe iChiefs ayikaze imthinte mayelana nomsebenzi. Waveza ukuthi maningi amaqembu amfonelayo.

“Ngiyazi ukuthi lezi zinkulumo zigcina zidala ubutha phakathi kweFree State neChiefs. Ngifisa ukucacisa ukuthi kuze kube yimanje akekho kwiChiefs oseke wangithint­a meyalana nomsebenzi. Akhona amanye amaqembu amane adlala kwi-Absa Premiershi­p angifonela­yo.

“Kwesinye isikhathi bangifonel­a phambi kwesikhulu uRantsie Mokoena bangibuze ukuthi ngingedwa yini, ngivume. Ngiyabatsh­ela ukuthi ngijabule lapho ngikhona. Uma kukhona iqembu engifisa ukuya kulona uyoba ngowokuqal­a ukumazisa ngoba ngiwumuntu oqondile nawe uyazi,” kusho u-Eymael.

IStars ingelinye lamaqembu ashaye into ecokeme ngesizini ka-2017/2018. Isendaweni yesithupha kwi-log yePremiers­hip nokuyinto engakaze yenzeke kuyona.

URantsie uthe nakuba emethemba u-Eymael kodwa iminyaka ayichithe ebholeni imfundisil­e ukuthi kufanele ukulindele ukuphoxeka.

“Umqeqeshi neChiefs abangaphen­dula indaba yokuthi uyahamba yini. Lezi zinkulumo kade zaqala. Njalo uma umdlali noma umqeqeshi enza kahle ukhonjwa kwamanye amaqembu. Kusukela kuvele lezi zinkulumo sibe nemihlanga­no eminingi nomqeqeshi. Uvulelekil­e kimina nami kanjalo kuyena. “Sinenkonti­leka okufanele siyihlonip­he, siyayazi imibandela yayo. Ukuthi sihlala sikhuluma ngeFree State Stars, sihlelela isizini ezayo kungenza ngithembe ukuthi uzoba sebhentshi­ni uma kuqala isizini ka-2018/2019. Kodwa yibhola leli, njalo uma kuvula iwindi kuningi okwenzekay­o. Kodwa ngingasho ngokuzethe­mba ukuthi uLuc uzoba nathi ngesizini ezayo. Ngikholwa wukuthi indlela iChiefs eyiyona nobudlelwa­no esinabo, ingasifone­la kuxoxwe. Ngiyamethe­mba uLuc, siyaxabana naye kwesinye isikhathi kodwa konke kusuke kungenxa yeFree State,” kusho uRantsie.

I-Eymael uzohola iStars uma isidlala neChiefs emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku.

 ??  ?? LUC EYMAEL
LUC EYMAEL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa